USekela Mengameli uphangalale nabayi-9 endizeni eMalawi
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-4.jpg?fit=80%2C76&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2024/06/saulos_chilima.webp?fit=1200%2C675&ssl=1)
Emuva kwamahora angama-25 kuthungathwa indiza ebithwele iSekela likaMengameli eMalawi nabanye abagibeli, izolo ekuseni igcine itholakele lapho iphahlazeke khona. I-USA bese ithumele indiza yayo ekwazi ukuguduza ndawozonke ukuzosiza. Le ndiza enezinjini ezimbili yombutho wezempi iC12 U twin turbo. UMengameli uLazarus Chakwera usedlulise amazwi enduduzo esizweni.
Lelibhanoyi linyamalale liqeda ukusuka esikhumulweni sezindiza lilibangise eMzimba lapho abagibeli bebelibhekise emngcwabeni wommeli owaziwayo uMnu uSambana. Omunye obesebhanoyini uNkk uShaela Muluzi ongunkosikazi wowabe enguMengameli waseMalawi uBakili Muluzi, abasebenzi ehhovisi likaMengameli nabombutho wezokuvikela abebephelezela uSekela Mengameli.
Izolo ekuseni uMengameli waseMalawi uLazarus Chakwera usecele usizo lwamazwe omhlaba ekulekeleleni ekuthungathweni kwendiza okuhlanganisa i-USA, i-United Kingdom ne-Israel. Yize indiza iduke ngesonto lezi zindaba zize zaqala ukusabalala ngoMsombuluko ekuseni emuva kombiko wabalawula ukuhamba kwezindiza emoyeni eMalawi.