Now Reading
Kusize abaqaphi besho ukuqeda ngoMntungwa abeMK 
Dark Light

Kusize abaqaphi besho ukuqeda ngoMntungwa abeMK 

Bathwale kanzima abaqaphi bakaMnu uJabulani Khumalo obengumholi woMkhonto Wesizwe ngesikhathi abalandeli baleli qembu bethi abamudle luhlaza. UKhumalo ubephuma eNkantolo Yezokhetho lapho efake icala ephonsela inselelo uMnu uJacob Zuma ekuholeni iqembu. 

Ebufakazini bakhe uKhumalo uthi kungamampunge ukuthi wabhala incwadi wayithumela kuKhomishini Ezimele Yokhetho lapho ayevuma ukuthi uyayideda indawo njengomholi weqembu unikezela zonke izintambo kuZuma. Uthi indodakazi kaZuma uDuduzile eyabhala lencwadi wayithumela kwa-IEC yingakho engazange afakwe ku-email. Uthi uZuma wangena ngesinxele ekuholeni iMK. Ephuma eNkantolo uKhumalo uhlangatshezwe yiqulu nabalandeli beMK. Kuzwakale kuqhuma phezulu inhlamba kujikijelwa nangamatshe okuphoqe ukuba onogada bakhe bamfuhlele ngokushesha emotweni bakhala bemuka.

Kuleso siphithiphithi amaphoyisa abengabonwa amalungu eMK aqhubekile ayilandela imoto yakhe yohlobo oluphambili lakwa Toyota iPrado 4×4 emnyama sucu.

Scroll To Top