Ngaphandle Kwezindlu Zombuso ePitoli namuhla ekuseni lapho kuzobanjwa khona umcimbi wokufungiswa kukaMengameli uCyril Ramaphosa, ababhikishi basemazweni angaphandle abahlala eNingizimu Afrika bese beqalile ukubhikisha bekhala ngokungalutholi usizo emazweni abo okuyimbangela yokufudukela kuleli.
Emva kokufungiswa kwesikaNdunankulu Wesifundazwe uMnu uThami Ntuli we-IFP, umemezele iKhabhinethi ehlanganisa amalungu aphuma emaqenjini amane okuyi-IFP, iDA, i-ANC neNFP.
Okhethweni lwangenyanga edlule lukazwelonke nolwezifundazwe lolu mbimbi luye okhethweni lunyamane kodwa iminkenke igqame emuva kokhetho lapho sekuqala izingxoxo zokubambisana kwamaqembu njengoba lingekho elikwaze ukuthola imiphumela eyanele yokubusa ngokuzimela kuzwonke.
Kuhambe ngokohlelo lwezivumelwano sokusebenzisana kuhulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal kuqokwa uMnu uThami Ntuli we-Inkatha Freedom Party njengoNdunankulu Wesifundazwe.
Amaqembu amancane akhala ngokuthi ashiywe ngaphandle kuHulumeni Wobumbano oholwa i-ANC athi asazivulile izandla zokuxoxisana ngoba akholwa ukuthi analo iqhaza elimqoka angalibamba.
IMaritzburg United ingelinye lamaqembu abheke ukuthenga ilungelo leMoroka Swallows lokudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
INational Freedom Party (NFP) iqede ukuqagula ngokuthi uzoma kanjani uhulumeni waKwaZulu-Natal. UMengameli weNFP uMnu u-Irvin…...
ICongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) isizwakalise ukukhathazeka ngokuthi amalungu ayo ashiywe ngaphandle ezingxoxweni zamaqembu ezepolitiki ngaphambi kokusungulwa kukaHulumeni Wobumbano Kazwelonke (GNU) okuhlongozwe uKhongolose.
UMsholozi usezakhele igama ngokuthi akayenzi into ngaphandle kwesizathu, nakulokhu kukholakala ukuthi unazo.
Ngisho ubuholi boMkhonto Wesizwe (MK) sebungaguqula umqondo ngokuhambela ukuhlala kokuqala kwePhalamende eKapa sekuyofana nokuthela amanzi emhlane wedada.
ISpain ithe izojoyina icala elibekwe yiNingizimu Afrika lokuqothulwa kohlanga eNkantolo Yamazwe Ngamazwe ephikisana nesenzo sika-Israel eGaza.
Kuwo onke amaqembu azophoqeleka ukuthi aqoke abantu akade ebechapha kuthangi lokhu.
Ingwevu ye-ANC uDkt uMathew Phosa uthi ukusebnzisana kwe-ANC neDemocratic Alliance okungase kwenzeke kuyobe kuyisivumelwano sebhizinisi esingahlangene nezifiso zezigidi zabantu baseNingizimu Afrika.
UMholi we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uVelenkosini Hlabisa uthi bazolinda uMkhonto Wesizwe ukuba uphothule zonke izindlela ozisebenzisayo ukuphonsela inselelo imiphumela yokhetho ngaphambi kokuba babheke ukuqala izingxoxo zokubusa ngokubambisana.
UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko uMnu uZizi Kodwa uthi akanalwazi ngamacala abekwe wona ngaphandle kobufakazi okukhulunywa ngabo okuthiwa bethulwa kuKhomishini Engokugwamandwa Kwamandla Ombuso eyayiholwa uMehluleli uZondo.
Ukube bekuya ngezifiso zeningi labantu baseNingizimu Afrika isifundazwe i-Eastern Cape besingabuswa kangcono i-United Democratic Movement (UDM) ngoba bebona kuseyilona qembu elinezimpande ebantwini bakulesifundazwe kune-African National Congress.
OwayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu uJacob Zuma, ongumholi weqembu uMkhonto Wesizwe (MK), uhlangane nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo YoKhetho eGoli ngoMsombuluko, wamemezela ukuthi impi yabo ne-Independent Electoral Commission (IEC) isekude ukuphela.
Ngesikhathi amaqembu esabamba eyeka ngokuthi azobambisana kanjani lapho lingekho elinqobe ngamalengiso, izinsuku ezili-14 ezinqunyiwe zokusungulwa kukahulumeni ziya ngomutsha wendoda.
Udaba oluseyiva elingabanguleki ku-ANC lwemali eyebiwa epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa iPhala Phala yilo elingenza uKhongolose uzithole usekhoneni ngeqembu ozobambisana nalo kuzwelonke.
UMengameli weqembu uHlabisa wayethe bayoseka loyo oyobe ekhethwe ngabantu.
Ngisho ohlwini lwabaya eSishayamthetho akekho ngoba ubekude le emsileni.
Ukukhuluma kuthi inkulu inkombankombane kubaholi abasesigungwini esiphezulu abadabuka KwaZulu-natal abakhala ngokuthi bebengaziswa ngezinhlelo ze-ANC.
IRandi laseNingizimu Afrika lehle ngamaphesenti angaphezu kwesigamu uma liqhathaniswa nedola lase-USA phakathi nokukhathazeka okukhulayo ngemiphumela yokhetho lukazwelonke.
Njengoba kuqhubekela kuvuthondaba ukubalwa kwamavoti okhetho lukazwelonke lwaseNingizimu Afrika lwangowezi-2024, iMK Party esanda kusungulwa isifinyelele eqophelweni eliphezulu lamavoti ayisigidi kuzwelonke.