IContralesa ikhathazekile ngokukhishwa inyumbazana
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ICongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) isizwakalise ukukhathazeka ngokuthi amalungu ayo ashiywe ngaphandle ezingxoxweni zamaqembu ezepolitiki ngaphambi kokusungulwa kukaHulumeni Wobumbano Kazwelonke (GNU) okuhlongozwe uKhongolose.
UMengameli weContralesa, iNkosi uLameck Mokoena, ithe alikho nelilodwa iqembu lezepolitiki eselike laxhumana nabo ukuze licele imibono yabo. Uxwayise ngokuthi uma aBaholi BoMdabu bengafakwa ezingxoxweni ngeke babe yingxenye yokhetho loHulumeni Basekhaya ngowezi-2026.
“IContralesa iyibonile imiphumela walolu khetho olwedlule futhi iyabona ukuthi ayikho inhlangano yezepolitiki ephumelele ngokuphelele. IContralesa iyazi ukuthi kunezingxoxo zikaHulumeni Wobumbano Kazwelonke. IContralesa ikhathazekile nokho ngokuthi noma ngabe umphumela ozophuma kulezi ngxoxo ngeke ube nemibono yabaholi bendabuko, sikhathazekile ngokuthi aBaholi BoMdabu akuboniswana nabo,” kubeka iNkosi.
INkosi iqhube yathi: “Kuzoba yiphutha elikhulu uma lezi zingxoxo zizophothulwa ngaphandle kokuba nemibono yabaholi bomdabu. Sifuna ukweluleka la maqembu ukuthi akhumbule ukuthi ukhetho lowezi-2026 seluseduze.”
Ukuhlala kokuqala kwePhalamende likazwelonke kulindeleke ukuthi kube ngoLwesihlanu lapho kuzokhethwa khona uMengameli wezwe kanye noSomlomo wePhalamende.