Kupolitiki asikho isitha saphakade
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuwo onke amaqembu azophoqeleka ukuthi aqoke abantu akade ebachapha kuthangi lokhu.
Isikhathi esikuso kupolitiki yakuleli singesimqoka kakhulu. Lesi yisikhathi izakhamuzi kanye namaqembu bengena esifundweni esimqoka ekutheni iyini ipolitiiki ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi. Kulokhu wonke umuntu kubukeka ekugcineni ezofunda futhi amukele ukuthi idemokhrasi akukhona nje ukuvota kuphela kepha okumqoka okwenzeka ngale kokhetho.
Imiphumela yokhetho olwedlule ibe sobala, ekutheni amavoti kalikho iqembu abalithembayo ekutheni yilo lodwa elingabusa leli lizwe. Akulona nje kuphela iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) enqatshelwe ukubusa yodwana kepha kube ngesifanayo nakumaqembu amathathu aphikisayo okuyi Democratic Alliance (DA), i-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye ne-Inkatha Freedom Party (EFF). Womathathu la maqembu omkhankaso yawo ibisekukhipheni iqembu elibusayo kawanikwanga ivoti lonkwenza njalo. Ngisho lelo elifike njengesishingishane uMkhonto Wesizwe (MK) nayo akufikanga lapho ingakwazi ukwakha uhulumeni ngokwayo.
Lesi simo sikhonge isimo amanye amaqembua bengafisi ukuzifica kuso. ElaboHlanga liye koshicilela iqembu elibusayo belidingida esigabeni sobuholi bukazwelonke inkiyankiya ekutheni ngubani elizohamba naye liyokwakha uHulumeni kuzwelonke nasezifundezi ezimbili ezimqoka okuyiGauteng neKwaZulu-Natal.
Okuxake uKhongolose kubukeka kungamahlebezi athi ungahle umbathe ngubonye nezimbangi zawo ezindala iDA. Lokhu kudale ukukhuluma ngaphakathi eqenjini nakubalingani njengoba abanye bebesho ukuthi uma kungcina kunobudlelwano uKhongolose uyolahlekelwa nayibo qobo. Izolo amanye amalungu eqembu aveze umbono wawo ngaphadle kwehotela lapho ubuholi bale nhlangano obekuhlangene khona. Lena bekungenye indlela yokufaka ingcindezi kubo ukuthi ‘bangalokothi’.
Abe-EFF nabo banotwayi lwabo ngoba ngokwezibalo yibo abahuzukile kulolu khetho. Umholi weqembu uMalema kakufihlanga ekutheni kwenzinye izingxenye zezwe lokho abebe kuthole kumalungu kaKhongolose ayengeneme okhethweno loHulumeni Bendawo abantu kulokhu basukile kubo baya kuMK. Wona lo MK ugudluze iZitoyitoyi ekubeni yiqembu lesithatghi ngobukhuku kuleli.
Namuhla lapho kuhleli uMK kuthi abe-EFF babe ngabesine. Kusayiwa okhethweni abe-EFF abakufihlanga ekutheni bangasebenzisana ne-ANC inqobo uma ingaholwa nguRamaphosa. Lesi sinqumo kubuke kungaba yiso esingungqingetshe uma kufika ithuba lokuthi abe-EFF ne-ANC baxoxe. Empeleni ngomlomo kaMnu uMbalula uKhongolose usukushilo ukuthi ‘kayindawo uRamaphosa’
Abe-IFP bona ekukhetheni kwabo abalingane kuyomele bazi ukuthi bafunani, kuphi nanini. Uma beba nobudlelwane neMK kungasho izikhundla kuSishayamthetho saKwaZulu-Natal kuphela. Kepha uma bengabambelela ku-ANC neDA kukhona abangakuthola kuzwelonke njengongqongqoshe kanye naseGauteng uma ukusebenzisana lokhu kukuzwelonke.
Lesi sithombe esingehla siveza ukuthi alikho iqembu eliyogcina nomuntu ebelivese livumelana nalo. Iqembu kokunye liyophoqeleka ukuba likhethe iqembu nabantu abakade libanyundele ngesonto eledlule ngesikhathi somkhankaso.