Now Reading
Bamukelwe ngombhikisho ePitoli oMengameli bangaphandle abazozimazisa uRamaphosa
Dark Light

Bamukelwe ngombhikisho ePitoli oMengameli bangaphandle abazozimazisa uRamaphosa

Ngaphandle Kwezindlu Zombuso ePitoli namuhla ekuseni lapho kuzobanjwa khona umcimbi wokufungiswa kukaMengameli uCyril Ramaphosa, ababhikishi basemazweni angaphandle abahlala eNingizimu Afrika bese beqalile ukubhikisha bekhala ngokungalutholi usizo emazweni abo okuyimbangela yokufudukela kuleli.

Kusukela izolo kutheleka uMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa abaholi babantu baseZimbabwe bebekanise ngaphandle kwesikhumulo sezindiza iWaterkloof Airforce Base, ePitoli nezingqwembe ezithi ungumdayisi akumele avunyelwe ukuba eNingizimu Afrika. 

UMnangagwa ube ngomunye wabaholi abamukelwe ngombhikisho kanjalo noMengameli uFelipe Nyusi waseMozambique. Abantu bangaphandle baveze ukuthi iZindlu zeNxusa zamazwe abo azibalekeleli ngalutho lapho bedinga ukuvuselela izimvume zokuba kuleli okanye beshonelwe sekumele babuyele emakhaya. Isibalo sabantu baseZimbabwe nabaseMozambique abakuleli siyanyuka nsukuzonke naphezu yemizamo kahulumeni yokutshala amasosha nokwandisa amaphoyisa emingceleni. 

Bali-18 abaholi bamazwe abazohambela umcimbi wanamuhla, iningi labo eliqhamuka emazweni ase-Afrika okukhona owaseNigeria, eTanzania, eNamibia, e-Angola iSouth Sudan, iNgwenyama uMswati Wesithathu. Izolo kusihlwa uMkhonto Wesizwe Party ukhiphe isitatimende uthi angeke ube yingxenye yalo mcimbi. Leli qembu lithe alikwazi ukuba yingxenye yabafela ngamathe amathuna alabo abafa belwela nenkululeko. “Isikhundla sikaMengameli esiphethwe uRamaphosa siwumphumela sokudayiswa Kwabantu ngesivumelwano esasayinwa uFikile Mbalula noHelen Zille. 

See Also

Kuze kube yimanje uHulumeni akafunanga ukusho ukuthi imalini esetshenzisiwe ngalo mcimbi ngaphandle kokuthi ingxenye enkulu yezindleko zawo ikhokhelwe ngabaxhasi nosomabhizinisi abaphonse isandla kuHulumeni.

Scroll To Top