Now Reading
URamaphosa ulandela abanye ekubhekaneni nolaka lwamadlelandawonye
Dark Light

URamaphosa ulandela abanye ekubhekaneni nolaka lwamadlelandawonye

Sekuyinsakavukela ukuthi ukusondela kokhetho ezweni kube yisikhathi sokuvivinya umbimbi lwe-ANC, iSACP, iCosatu neSANCO.

Okhethweni lwangenyanga edlule lukazwelonke nolwezifundazwe lolu mbimbi luye okhethweni lunyamane kodwa iminkenke igqame emuva kokhetho lapho sekuqala izingxoxo zokubambisana kwamaqembu njengoba lingekho elikwaze ukuthola imiphumela eyanele yokubusa ngokuzimela kuzwonke.

Amadlelandawonye ngazwi linye ashaye amakhala zisuka ngezinhlelo zokubambisana kwe-ANC neDA kuhulumeni kazwelonke nasezifundazweni. Okuphambili okukhalisa amadlelandawonye ukuthi i-ANC ayizange iwazise ngezinhlelo zokusebenzisana neDA futhi abengamelwe emihlanganweni ethathe izinqumo. 

Yize kulokhu iSACP ingakalimisi ngesihloko elokuthi izoninga ngokuzimela okhethweni olulandelayo, izinhlaka zaleli qembu zithi sesifikile isikhathi sokuthi iSACP ikubhekisise kabanzi lokho. Emhlanganweni wophiko lwentsha iYoung Communist League (YCL) ngempelasonto olokuzimela kwaMakhomasini beluseqhulwini.

UNobhala weYCL uMzwandile Takude uthe baludingidile lolu daba yize singekho isinqumo abasithathile ngalo. “Ukuzimela kweSACP yinto ehlale njalo ikhulunywa kanjalo nokungenela ukhetho ngokuzimela. Akuyona into eqhamuka ngoba sekusondele ukhetho , kodwa inkulumo engasali emihlanganwni emikhulu yeqembu,” kusho uTakude.

Uthe abazange bakufihle kwasekuqaleni ukuthi abaneme  ngokuthi i-ANC izosebenzisana neDA kuhulumeni wobambiswano ngoba lokho kuphambene nezifiso zabantu abavotele le nhlangano. ISACP isike yazama ukuzimela okhethweni yabuye yasibuyekeza isinqumo sayo. Okhethweni lokuchibiyela lohulumeni basekhaya ngowe-2017 iSACP yazimela kuMasipala iMetsimaholo. Kulolu khetho iSACP ayenza kahle emuva kokuthola izihlalo ezintathu i-ANC yathola ezili-16.  Ukuzimela kweSACP okhethweni  ngesinye sezinqumo ezathathwa yileli qembu engqungqutheleni yayo ngowezi-2007,  kepha kubonakala kungekho ukuzethemba ekutheni ingakwazi ukuba nezwi elizwakalayo uma ingatetile ku-ANC.

UMengameli uCyril Ramaphosa akayena owokuqala ukuhola i-ANC ongaphansi kwengcindezi yamadlelandawonye ngesikhathi sokubusa kwakhe.

See Also

OwayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki wabhekana nolaka lweSACP neCosatu ngesikhathi ethula uhlelo lokukhulisa umnotho olwalaziwa ngeGrowth, Employment and Redistribution (Gear). Ngaleso sikhathi iCosatu neSACP yayikholwa ukuthi lolu hlelo lushayelwa kakhulu osomabhizinisi abamhlophe futhi luvuna bona. Nangesikhathi sikaMengameli uJacob Zuma kube kukhulu ukwehlukana phakathi kwe-ANC neSACP okwagcina kugqama kakhulu endaweni yakwaXimba KwaZulu-Natal  kwaphuma nezidumbu. Lo mdonsiswano wagcina uholela ekutheni amanye amalungu axebuke kuSACP angenele ukhetho lohulumeni bezindawo ngowezi-2016 ngokuzimela. Kulolu khondolo ogcina ngokunqoba ekugcineni kuka-ANC.

USolwazi uDirk Coetzee uthi iSACP isikukhombisile ukuthi ayikwazi ukuzimela ngaphandle kwe-ANC okuyizinkomba zokuthi iyohlala njalo isekhwapheni likaKhongolose ngokufanayo neCosatu.

USolwazi uthi iSACP neCosatu bayehluleka ukukhankasela i-ANC ngesikhathi sokhetho okwenza kube khona ukwehlukana uma sekumele kukhulunywe ngeqhaza layo ekuthathweni kwezinqumo kuhulumeni. “Imiphumela yalolu khetho nesinqumo se-ANC sokubambisana neDA yikho okungacacisa ukuthi kuyiwaphi ngeqhaza lamadlelandawo. Ngokumema iDA kuHulumeni wokubambisana i-ANC isikucacisile ukuthi imi ngakuphi Okubhekeke kakhulu, sekukuwo amadlelandawonye ukuba anqume”.

Scroll To Top