Now Reading
Emuva kokhetho: iPhala Phala ivuka ogqokweni
Dark Light

Emuva kokhetho: iPhala Phala ivuka ogqokweni

Udaba oluseyiva elingabanguleki ku-ANC lwemali eyebiwa epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa iPhala Phala yilo elingenza uKhongolose uzithole usekhoneni ngeqembu ozobambisana nalo kuzwelonke. Ngaphambi kokhetho obekuphambili kwaphikisayo ukwehliswa ukwesekwa kwe-ANC ibe ngaphansi kwama-50% ukuze ingachanasi.

Amaqembu aphikisayo aya okhethweni nje abambe igqubu ngesenzo se-ANC sokunyathela udaba lwasePhala Phala yize iPhaneli eyaqokwa iPhalamende yakhipha umbiko ngowezi-2022 othi uRamaphosa kumele aphendule, futhi kwaba khona ukungahambisi ngomthetho ekugcineni izigidigidi endlini engazibikile kwaSars. I-ANC yasebenzisa iningi ePhalamende ukuvikela uMengameli ngokuchitha amaqembu aphikisayo. Emuva kokwehlelwa izinombolo ePhalamende emuva kokhetho aphikisayo aseqalile ayayivusa iPhala Phala.

I-ANC inezihlalo ezili-159 ePhalamende isuka kuma-230. Lokhu kusho ukuthi amaqembu aphikisayo asengakwazi ukuyiginga lapho ifuna ukushintsha khona izinto njengokuphasisa imithetho ngoba isiphikiswa izibalo. Kuqale ngeFreedom Front Plus eholwa nguMnu uConnie Mulder ngempelasonto ehlabe ikhwelo lokuba luvulwe udaba lwePhala Phala. Namuhla ekuseni i-Economic Freedom Fighters (EFF), ifake amaphepha eNkantolo soMthethosisekelo ngalolu daba. Emaphepheni uMmangalelwa Wokuqala uSomlomo lePhalamende, owesibili iPhalamende, owesithathu uMengameli uRamaphosa owesine amaqembu ezepolitiki amelelekile ePhalamende.

See Also

INhloko Yabehluleli izolo ikhiphe umyalelo othi lolu daba luzolalelwa esikhathini esingengakanani. Inkantolo Yomthethosisekelo iyalela ukuba Umma Gali okuyi-EFF athumele umbiko oqoshiwe ngaphambi komhla lu-1 kuNtulikazi kophezulu ngokulandela inqubo yenkantolo unombolo 20(1). Umyalelo uthi kumele kube izinkulumo eziqoshiwe ezimqoka.

Scroll To Top