Now Reading
I-UDM ithi indlela yokugudluza i-ANC ukuyiqala ezifundazweni
Dark Light

I-UDM ithi indlela yokugudluza i-ANC ukuyiqala ezifundazweni

Ukube bekuya ngezifiso zeningi labantu baseNingizimu Afrika isifundazwe i-Eastern Cape besingabuswa kangcono i-United Democratic Movement (UDM) ngoba bebona kuseyilona qembu elinezimpande ebantwini bakulesifundazwe kune-African National Congress.

Ukuthandwa komholi we-UDM uJenene uBantu Holomisa e-Eastern Cape kubonakele nangokuthi amagatsha aleli qembu aphakamise igama lakhe esikhundleni sikaNdunankulu wesifundazwe uma bephumelela ukhetho. Sekungumlando ukuthi i-ANC ikwazile ukugcina lesifundazwe emuva kokhetho. ISekela likaMengameli we-UDM uMnu uNqabayomzi Kwakhwa uthi indlela yokunqoba i-ANC ukuyiqala ngokuyinqinda amandla ezifundazweni njengoba kwenza iDemocratic Alliance eminyakeni eminingi edlule eWestern Cape. 

UKwakhwa uthi okwenziwe iqembu eliholwa uMnu uJacob Zuma uMkhonto Wesizwe likhipha emandleni i-ANC KwaZulu-Natal kuyizinkomba zokuthi i-ANC ingagcina iphelelwa ngamandla zifundazweni okungahamba kuyikhinyabeze kakhulu kuzwelonke.

Kulolu khetho i-UDM ithole amavoti angu-0,49% yakwazi ukuthola izihlalo ezintathu ePhalamende kuzwelonke. Amavoti amaningi iwaqoqe e-Eastern Cape. Kuyiwa okhethweni nje i-UDM ibinezihlalo ezimbili ePhalamende. Okhethweni lukazwelonke lowezi-2019 leli qembu elaxebuka ku-ANC lathola izihlalo ezimbili ngamavoti angama-0.45%.

UKwakhwa uthe bakwazile ukunyusa isibalo sabavoti kulokhu yize bengenzanga kahle kwezinye izifundazwe njengaKwaZulu-Natal lapho ebalule khona ukuthi bashaywe ukusungulwa koMkhonto Wesizwe. I-UDM ingelinye lamaqembu amadala elikwazile ukugcina umgqigqo walo. UKwakhwa uthi umkhankaso wabo ubugxile kuzona zonke izifundazwe  futhi kuningi abakufundile abazokusebenzisa okhethweni lohulumeni bezindawo ngowe-2026.

I-UDM ibingelinye lamaqembu abengabhekiwe kulolu khetho njoba kwathi kufikwa ku-5% wokubalwa kwamavoti ingabonwa nangokhalo.

Abangabuyeli ePhalamende

ICongress of the People (Cope)

Leli qembu eliholwa nguMnu uMosiuoa Lekota kungenzeka ukuthi selifike kwangqingetshe njengoba ngenyanga edlule noLekota ememezele ukuthi usethatha umhlalaphansi kwezepolitiki ngenxa yesimo sempilo yakhe neminyaka. ULekota uyivumile induku yokuthi akekho abangamsola ngokushabalala kweCope ngoba ibulawe umbango wobuholi wangaphakathi. Leli qembu elasungulwa ngoZibandlela wezi-2008 lukwaze ukuzuza izihlalo okhethweni oluthathu ngowezi-2009, ngowezi-2014, nowezi-2019 njengoba lukhale ngaphansi ngowezi-2024.

See Also

INational Freedom Party (NFP)

Ngisho nangaphambi kokuxinwa ukugula okwagcina ngokuthi kumenele umholi waleli qembu uNkk uZanele kaMagwaza-Msibi umbango wobuholi wawusuvele ushisa phansi. Ukudlula kwakhe emhlabeni kwawubhebheselisela phambili kakhulu. INFP ibinezihlalo ezimbili kuphela ePhalamende engakwazanga ukuzigcina. Leli qembu selimelele KwaZulu-Natal kuphela. Yilo leli qembu elisize i-ANC kuMasipala iTheku ngokubambisana njengoba iSekela leMeya uNkk uMyeni eyilungu laleli qembu. 

I-African Independent Congress (AIC)

Leli qembu lamangaza abantu abaningi likwazi ukuthola izihlalo ezimbili okhethweni langowezi-2014. Umholi walo uMnu uMandla Galo waxebuka ku-ANC. Ekunqobeni kwalo kwaba nokukhuluma okwabe kuthi abantu balivotele ngoba beliphambanisa ne-African National Congress kodwa uGalo wakuphika lokho ngoba ngowezi-2019 lakwazi ukubuyela ePhalamende emuva kokhetho. Kulokhu lifike ekugcineni alibonwanga nangokhalo.

Scroll To Top