Kuyoqhuma nhlamvama emhlanganweni weNEC ngoLwesibili
Umhlangano obhekwe ngabomvu Wesigungu Esiphezulu se-ANC ozobanjwa ngoLwesibili kulandela ukuthelwa ngehlazo evotini kubhekeke ukuba ushube njengoba ngempelasonto kuvele imibiko yokuthi abanye abaholi sebekushilo ukuthi kudala belikhalima iqembu ngokugxilisa umkhankaso walo kuMkhonto Wesizwe noMnu uJacob Zuma ngoba yikho kanye okwenze balahlekelwa.
ElaboHlanga lipotshozelwe ukuthi injolozela ikulabo abebesiza i-ANC ngocwaningo lokhetho abasolwa ngokuyifaka ehlathini. Okunye ukukhuluma kuthi abacwaningi bebethatha kakhulu izeluleko eziqhamuka kubuholi besifundazwe KwaZulu-Natal ngoba bekholwa ukuthi yilesi sifundazwe esiqonda kahle uZuma noMkhonto Wesizwe.
Leli phephandaba lithole ukuthi inkulu inkombankombane kubaholi abasesigungwini esiphezulu abadabuka KwaZulu-natal abakhala ngokuthi bebengaziswa ngezinhlelo ze-ANC, kukhulunywa kuphela noSihlalo wesifundazwe uMnu uSiboniso Duma. “Kokunye besizwa kwabezindaba ukuthi uMengameli uRamaphosa uyadilika lapho sekumele senze izinhlelo eziphuthumayo ukuze sibe khona singabonakali njengabantu abangahambisani nezinhlelo zeqembu nemikhankaso yokhetho. Uma ngingakubalela kusuka kwethulwe imanifesto yeqembu eMabhida cishe uMengameli ufike amahlandla ali-8 KwaZulu-Natal singazi,” kusho ilungu eliphezulu le-ANC.
Okunye okubhekeke ukuba kushubise umhlangano imali nezinsiza ezisetshenziswe yi-ANC KwaZulu-Natal okungayisebenzelanga. Kuyiwa kulo mhlangano nje, kusabalele izinkulumo eziqoshiwe zabaholi be-ANC koMasipala KwaZulu-Natal abakhala ngokuthi baze bangena ngisho nasemaphaketheni kunkankaselwa iqembu.
Ekhuluma nabezindaba izolo uNobhala Jikelele we-ANC uMnu uFikile Mbalula uvumile ukuthi bachithe isikhathi esiningi nemali KwaZulu-Natal naseGauteng ngoba bekuyizona zifundazwe ebezibangwa kakhulu. “Akukho lapho sike sabukela khona phansi uZuma KwaZulu-Natal, eMpumalanga naseGauteng ngoba besazi ukuthi uyasekwa kulezifundazwe,”.
UMbalula uthe kucacile ukuthi bebebhekene nezimbilila zithutha.
Okunye okungase kube seqhulwini kulo mhlangano ikusasa likaMengameli wenhlangano uMnu uRamaphosa. Ephendula kulokho uMbalula ukuqinisekisile ukuthi uRamaphosa akayi ndawo. Uveze ukuthi ngisho namaqembu abanika umbandela wokuthi uma ezosebenzisana nabo kumele kususwe uRamaphosa njengoMengameli bawatshela zisuka ukuthi awakhohlwe.
Labo okungahle bakhale ngaphandle ekujutshweni ezikhundleni ngenxa yokuncipha kukaphawini we-ANC ePhalamende naseZishayamthetho yibo okuthiwa bazofaka kakhulu ingcindezi yokuthi uRamaphosa nabathile eboholini bashenxe.