UHulumumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal uholwa uNdunankulu uMnu uThami Ntuli bahambele eKenville, eThekwini lapho kade beyobheka ukuthi amalunga akule ndawo ahlezi kanjani njengoba emuveni kokuhlaselwa umlilo.
UMengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uqinisekise izindaba zokuthi ligqashukile igoda phakathi kwaleli qembu nalabo akade bengabaxhasi uSpar kanye neGrindrod.
UNkosingiphile "The Prince" Sibisi waseDundee akabaphoxanga abalandeli akade bephume ngobuningi babo bagcwalisa phama ihholo, njengoba elivikela ngempumelelo ibhande lakhe leSouth Africa Flyweight.
UMengameli waseRwanda uPaul Kagame kulindeleke ukuthi athathe ihlandla lesine esikhundleni sakhe okhethweni olungoMsombuluko lapho ebhekene namaqembu amabili aphikisayo okuhloswe ukuthi angamelana naye kodwa angalindele ukumehlula.
I-African National Congress (ANC) ithi ukuvumela umholi weQembu uMkhonto weSizwe (MK) ePhalamende uDkt uJohn Hlophe ukuthi ahlale kuJudicial Service Commission (JSC) kuyicala futhi kuwukuziphatha okubi.
UMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (SANDF) uthi ukushona kwesosha ebelisebenza ngaphansi koMbutho Wezizwe Ezihlangene, iMONUSCO, eDRC akuhlangene nokuhlasela kwaphambilini.
Amakhulu abantu baseKenya bebehambele ikhonsathi enhlokodolobha iNairobi izolo, becula iziqubulo bedansa, ukukhumbula abantu abangaphezu kwamashumi amathathu ababulawa emibhikishweni yakamuva emelene nohulumeni.
Inqwaba yabantu baseKenya ibhekene nokuthunjwa okufanayo emasontweni amabili edlule, kusho izinhlangano ezilwela amalungelo abantu, ezisola ukuboshwa ngokungemthetho kwabantu kwezobunhloli baseKenya.
Amaqembu ezepolitiki aphikisanayo eSudan ahambele ngokusemthethweni izingxoxo zokubuyisana eCairo.
UNgqongqoshe Wezokuvikela osanda kuqokwa, u-Angie Motshekga, uthi uwulungele lo msebenzi.
Bekunenqwaba yamaphoyisa enhlokodolobha yaseKenya iNairobi ngoLwesibili lapho amaphoyisa odlame ezulazula emigwaqweni esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza amaqeqebana ababhikishi.
Iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC kubukeka ifuna ukukugwema okuyivelele ngesizini edlule njengoba ilokhu iqhubeka nokuqinisa isikwati sayo.
UMkhandlu WaseNyuvesi YaseKapa (i-UCT) wamukele isinqumo esiphakamisa ukuthi le nyuvesi iziqhelelanise zonke izikhungo zezemfundo zakwa-Israel kanye nabacwaningi abangaphansi koMbutho Wezokuvikela wakwa-Israel.
Ubhalele uSteenhuizen incwadi evuthayo emnqumela ugwayi katiki.
Ngaphambi kombhikisho wezinkulungwane zamalungu oMkhonto Wesizwe obubheke eNkantolo Enkulu yaseMgungundlovu leli qembu belikhiphe umyalelo onqala wokuthi labo abayophambana nomthetho ngokulimaza impahla nokudala udlame emphakathini bayobhekana nokuqondiswa ubugwegwe yiqembu.
Ngesikhathi i-ANC iphasisa umthetho othi labo asebenindekile emacaleni enkohlakalo namanye ahlukahlukanene kwaze kwafika ezingeni lokwethweswa amacala izinkantolo kumele bahoxe ezikhundleni okungaba kuHulumeni okanye enhlanganweni, kwaba yisiphakamiso esashayelwa ihlombe.
Emaqenjini ali-18 ePhalamende ali-10 kuwo azibophezele ukungena ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano.
URamaphosa kungqingentshe wokuqala nowokugcina.
Uma kuya ngokwezimfuno eziphambili weDemocratic Alliance kuHulumeni Wobumbano lingasongwa leli sonto izwe lisesebumnyameni ngokumenyezelwa kweKhabhinethi.
Ziyime emthuneni ngokubambisana kwamaqembu kuzwelonke naseGauteng.
Ukuqagula ngozohola uMkhonto Wesizwe esikhundleni sikaSotswebhu Phalamende kuphelile njengoba leli qembu limemezele uMehluleli uJohn Mandlakayise…...
UJosta Dladla owazakhela igama kunobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika uthipha umdlali we-Orlando Pirates uPatrick "Tito" Masangwayi ukuthi uzoziwola izindodo aqokelwe kuzona.
Enkulumweni yakhe kubantu baseNingizimu Afrika yokwamukela inselelo yehlandla lesibili, uMengameli uCyril Ramaphosa wakhe isithombe zikaHulumeni oyimbumba ozofuqa intuthuko ngokungabheki ukuthi umphakathi undawanaphi.
UNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu usehlakaze iKhabhinethi yempi enamalungu ayisithupha.