Now Reading
UPhosa uthi ayikhohlwe oMasipala i-ANC uma izolala ngangubonye neDA
Dark Light

UPhosa uthi ayikhohlwe oMasipala i-ANC uma izolala ngangubonye neDA

Ingwevu ye-ANC uDkt uMathew Phosa uthi ukusebenzisana kwe-ANC neDemocratic Alliance okungase kwenzeke kuyobe kuyisivumelwano sebhizinisi esingahlangene nezifiso zezigidi zabantu baseNingizimu Afrika.

UPhosa ufunga uyagomela ukuthi uma i-ANC ike yazibophezela kulo mshado kumele ikhohlwe ukunqoba ukhetho lohulumeni bezindawo ezinyangeni ezi-18 ezizayo ngoba iyobe isizihiphile kubantu. “Awukwazi ukuya ezingxoxweni nomuntu usuvele usuphethe imibandela ozoyibeka ungakezwa ukuthi izinkulumo zizohamba zifikephi. Yikho kanye lokho okwenziwa iDA okusho ukuthi izongena kulo mshado nje inezinhloso zayo esingazazi,” kwenaba uPhosa.

Uthe ngebhadi bazogcina ngokukhuluma konke kulele ezandleni ze-ANC kodwa ugcizelela ukuthi izingxoxo zokubambisana akumele zibhekwe ngeso lokuphatha amandla wonke umuntu kumele angene kuzo ngenhloso yokubamba iqhaza elizobonakala uma sekubanjiswene kuhulumeni. Ngokubona kakhe ezikaMalema i-Economic Freedom Fighters, i-Inkatha Freedom Party ngamaqembu obekumele i-ANC ibheke ngakuwo ngaphambi kokubeka phambili iDA. “Anginanxa noMkhonto Wesizwe kaMnu uJacob Zuma, ngiyamhlonipha njengomuntu oke wahola i-ANC nezwe futhi kuyilungelo lakhe ukuphonsela inselelo imiphumela yokhetho esebenzisa izindlela ezisemthethweni. Engingahambisani nakho ukuthi badube ukuhlala kokuqala kwePhalamende”.

Uthe angathanda ukubona iMK iba yingxenye yokuqokwa kukaSomlomo noMengameli wezwe. Uveze ukuthi nangokhetho lowe-1994 kwaba khona isikhalo ngemiphumela yokhetho KwaZulu-Natal lapho uMnu uSbu Ndebele akhala ebuholini ne-ANC ngokuthi i-Inkatha Freedom Party yenze umkhonyovu. “Ngenxa yokuthi sasifuna kube nokuthula savumelana ngokuthi siyidlulise leyo nebala i-IFP yagcina iphumile emandleni.  Ekhuluma nenhlangano yokusakaza izolo  uNkk uLindiwe Sisulu uhambe emazwini kaPhoswa ebeka izizathu ezenza akubone njengephutha elikhulu ukulala kwe-ANC ngangubinye neDA.

See Also

USisulu uthe sebebe kuhulumeni isikhathi eside futhi nabavoti sebekukhombisile ukuthi i-ANC ayenzi lokhu abasuke bekudinga yingakho bekukhombisile nakulokhu ohethwni. USisulu uthe i-ANC idinga ukubambisana nabantu abazokhuluma ulimi olulodwa nabo.

Uthi emuva kokubambisana neNational Party emuva kokhetho lowe-1994, kwahamba isikhathi iNP yababiza yahlala nabo phansi yathi ayikwazi ukuqhubeka nalo mshado ngoba kunezethembiso eyayizenzile kubantu okumele izifeze ngakho ayikwazi ukuzifeza uma isahleli kulo mshado. “Ngayithulela isigqoko iNational Party ngesinqumo sayo ngoba yayenza ubulungiswa kubantu abayivotele,” Uthe uma ubheka esifundazweni iWestern Cape kumele uzibuze ukuthi yini esiyenzekile kulesiya sifundazwe ukushintsha izimpilo zabantu lapho kubusa khona iDA

Scroll To Top