Iqembu uMkhonto Wesizwe liphonsela inselelo imiphumela yokhetho


OwayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu uJacob Zuma, ongumholi weqembu uMkhonto Wesizwe (MK), uhlangane nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo YoKhetho eGoli ngoMsombuluko, wamemezela ukuthi impi yabo ne-Independent Electoral Commission (IEC) isekude ukuphela.
UZuma usola ukuthi i-IEC isebenzise amavoti, yawasusa eqenjini iMK yawafaka kuDemocratic Alliance (DA) kanye ne-African National Congress (ANC).
“Sikhankase kahle kakhulu, abantu baseNingizimu Afrika bakhombise ukusethemba,” kugomela uZuma. “Kodwa kuthe uma sekubalwa amavoti abantu bakwa-IEC benza umkhonyovu omkhulu bathatha amavoti ethu bawanikeza amanye amaqembu okuhlanganisa ne-ANC.
UZuma uthe izikhalo zamalungu eMK mayelana nokungaphathwa kahle kwezinto zokuvota ngabasebenzi be-IEC azizange zishaywe indiva ngaphambi kokhetho. Usola izigameko zokungahambi kahle, njengokuthuthwa kwamabhokisi e-IEC ngaphandle kokuphelezelwa ngamaphoyisa nokubonwa kwamalungu e-ANC nabasebenzi be-IEC abaphethe la mabhokisi.
Phezu kwalezi zikhalo, uZuma unxuse abalandeli bakhe ukuthi bagweme udlame. Uveze ukuthi iqembu leMK, okuyimanje linezihlalo ezingama-58, iPhalamende lingase lidube uma izikhalo zabo zingasukunyelwa.
Kusenjalo, isicelo esiphuthumayo esethulwe umsunguli weqembu loMkhonto Wesizwe owaxoshwa uJabulani Khumalo silindele ukukhishwa kwesinqumo. Ummeli omele uZuma kanye neMK Party baphikisana nokuphuthuma kwesicelo sikaKhumalo, wathi siyehluleka ukuhlangabezana nezidingo zomthetho zokuphuthuma.
U-Advocate Philisiwe May uthe isicelo sikaKhumalo asinabo ubufakazi bokulimala okungalungiseki kanye nezinye izindlela zomthetho.
Nakuba umphumela walezi zingxabano zezomthetho ulokhu ungaqiniseki, ukushuba kusaqhubeka njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nemiphumela yokhetho olunezingxabano kanye nezinsolo zokungalungi kahle kokhetho.