Bathi sebekhathele ukuvalwa umlomo ngemali yesibonelelo esikhundleni sokunikwa impesheni yabo.
Uthi wathuka koma nasozwaneni ezwa ngokuvulwa kweqembu elisha.
Kusuka ngoMsombuluko kuzobashela abashayeli abasasebenzisa izinombolo ezindala ezimotweni.
Kwale kancane asayinwe iRichards Bay FC ekuqaleni kwesizini ka-2025/26.
Kufezeke iphupho likayise ejoyina AmaZulu FC uMhlongo.
Ngesikhathi amehlo ethe njo emhlanganweni wamazwe angaphansi kweG20 ozobanjwa kuleli, ngaphakathi ku-ANC kungamahele.
Uthembisa ukubuyisa isithunzi sakhe uSabelo "Mkhonto" Cebekhulu, njengoba engenzanga kahle ezimpini zakhe ezimbili ezedlule.
I-ANC eGauteng iphika eyokuvikela uMkhwanazi.
Umbango wesikhundla sokuhola uKhongolose kulokhu ungaba phakathi kwabaholi abasebancane?
Muva nje amaqembu ezepolitiki aseshintshe ukukhuluma ngabokufika kulandela ingcindezi kubantu bakuleli ngemibhikisho nasezinkundleni zokuxhumana.
Imidlalo ye-Africa Championships izokuba seMalawi, eLilongwe kusukela mhla ziyi-8 kuya mhla zili-13 kuZibandlela.
UMngqithi uveze ukuthi kuyinto angayithandi ukubhekana neqembu elilodwa kulandela esikhathini esifushane.
UZwane kuyamkhathaza ukulokhu elinyalelwa abadlali.
Ekuqokweni kwakhe uHassan, iTanzania yangena emlandweni wamazwe ambalwa ezwenikazi i-Afrika aseke aholwa abesifazane.
Ezigamekweni zakamuva osomatekisi bahlaselwa besemgwaqeni okusolwa ukuthi impilo yabo isuke yeluswa ubusuku nemini.
Usuku lwayizolo lube injabulo kubaphathi bezemfundo, kubazali (SGB), Izinyunyana zothisha okubalwa iSadtu neNatu kanye nezinhlaka zomphakathi kwaNongoma.
IMeya kaMasipala iNkosi Langalibalele ikhala ngemali abayikweletwa imikhandlu eyehlukahlukene nokwenza kube nzima ukwenza izimfuno zomphakathi.
UBrink uthe uqale ukuzwa ngegama likaMatlala ngesikhathi uGeneral Mkhwanazi eligagula kwabezindaba.
UMnyango Wezempilo kuleli uzobeka eqhulwini amatshishi okuzoba yiwo azothola kuqala umgomo.
Umpetha we-SA Middleweight kwabesifazane uWendy Gcado ufuna ubona ezolivikela noma kanjani ibhande (alibiza ngengane yakhe) mese ebhekene noNobengazi Booth.
Ebufakazini bakhe uMathale akakufihlanga ukuthi washaqeka ngencwadi eyabhalwa uNgqongqoshe uMchunu.
UGcwabe uncome kakhulu umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
Asemenyezelwe amajaji azohlunga izintokazi uzime ku-Miss South Africa
Ikhehla elizobe lihlanganisa iminyaka eli-101 ngoLwesihlanu, selizohlala endlini entsha.