Now Reading
Amaqembu amancane athi angeke abe yizimpelesi emshadweni we-ANC neDA
Dark Light

Amaqembu amancane athi angeke abe yizimpelesi emshadweni we-ANC neDA

Amaqembu amancane akhala ngokuthi ashiywe ngaphandle kuHulumeni Wobumbano Kazwelonke oholwa i-ANC athi asazivulile izandla zokuxoxisana ngoba akholwa ukuthi analo iqhaza elimqoka angalibamba.

Ngaphambi kokuhlala okokuqala kwePhalamende Lesikhombisa, lamaqembu abambe isithangami sabezindaba lapho egxeke khona i-ANC ngokulaxazwa abakwabo. Kula maqembu kukhona i-EFF, i-UDM, iPAC, i-Al Jammah, i-UAT. Yize la maqembu elula isandla kuKhongolose kodwa athi angeke agudluke kwakholelwa kukho.

UMnu uFloyd Shivambu uthe uma kungasuswa abangabacindezeli okuyiDemocratic Alliance bangangena kuHulumeni ohlanganyele. UMnu uMzwanele Nyhontso uthe okwenziwa i-ANC ukubaphendula izimpelesi emshadweni wayo neDA. Uthe bazoqhubeka nokuba yizwi labantu abacindezelwe yize sekucacile ukuthi i-ANC neDA sebevumelene ngokuthi izwe bazoliphatha kanjani. Uma la maqembu esehlangene anezihlalo ezingama-48 ePhalamende.

Scroll To Top