Now Reading
INkatha Ebucayini : Kuphakathi koMkhonto noma kukaKhongolose
Dark Light

INkatha Ebucayini : Kuphakathi koMkhonto noma kukaKhongolose

UMengameli weqembu uHlabisa wayethe bayoseka loyo oyobe ekhethwe ngabantu

Kukhona ukuvumelana ekutheni umkhankaso we-Inkatha Freedom Party (IFP) nakulokhu ubusezingeni eliphezulu. Lokhu kukhuphula amasokisi kwaleli qembu kuqale ukuqapheleka ngesikhathi sokhetho loHulumeni Bendawo nayilapho yaqobela ogodweni uKhongolose idla imikhandlu emikhulu. Kulokhu leli qembu ligijime kujantshi munye namaqembu athathwa ngokuthi makhulu kuleli. Leli qembu ligcwalise inkundla iMoses Mabhida kanjalo laba nemilenze eyakhukene yokukhankasa ezindaweni ezehlukene nayilapho abantu nabezindaba bebethi mbo.

Yize leli kuliqembu likazwelonke kepha injolozela ibiKwaZulu-Natal nayilapho ibifolosa khona ngoMnu uNtuli obuye abe yiMeya yoMkhandlu omkhulu , iKing Cetshwayo.  Abahlaziyi kanjalo nezingqapheli zituse ukuhleleka komkhankaso waleli qembu uma kufikwa ezinkundleni zokuxhumana.  Sekungumlando ukuthi KwaZulu-Natal lapho belibhekwe kakhulu khona kube nomphumela omuhle nongehlanga kahle. Okungehlanga kahle kumakhulu amalungu aleli qembu wukuthi alisithathanga isifundazwe. Nokho okubukeka kulihambele kahle kube wukuba ngelesibili ngobukhulu kwathi izimbangi zayo ezindala i-African National Congress (ANC) yalala isithathu.

Nokho leli qembu libukeka lisendaweni ebucayi emuva kokuphuma kwemiphumela yokhetho. Ngokwezinombolo kuzomele likhethe ukuthi ngubani elingabambisana naye uma kwakhiwa uHulumeni. Kuphakathi kokubambisana noMkhoto Wesizwe oholwa nguZuma nonezihlalo ezingama-37   . Ngakolunye uhlangothi kukhona uKhongolose wona othole izihlalo ezili-14. Nokho okungaKhongolose kungahle kulethe isidingo sokuthi ande amaqembu abambisene njengoba kungeke kusheshe kuhlangane izibalo ezingenza balibuse ndawonye. Uma behamba ngomgudu kaKhongolose abe-Inkatha kuyodingeka yedlulise isimemo esifanayo nakuDemocratic Alliance (DA) enezihlalo ezili-11  nakuNational Freedom Party (NFP) imbala yize enesihlalo esisodwa.

Ekhuluma ezinyangeni ezedlule umholi weqembu uMnu uHlabisa wakhuluma ngobumqoka nangomgomo wokuthi ngisho kunokubambisana kepha kumqoka ukuhlonipha ukuvota kwabantu. Yize le nkulumo yabe iqondene nohlaka iMulti Party Collision, namuhla le nkulumo ingahle ivuke njengoba izibalo KwaZulu-Natal abantu abaningi bavotele uMK.  Kulokhu kukhetha akukho okungathiwa kuhle kuphelele.

Ukhetho oluzayo

See Also

Noma ngabe yisiphi isinqumo leli qembu elisithathayo abavoti bazobe belibhekile. Kukhona abangalisola ngokuthi uma lihamba noKhongolose liyobe liphikisana nabavoti abawukhiphe ngaphandle. Esenzweni esifanayo eThekwini uMnu uMavundla we-Abantu Batho Congress (ABC) wazidalela amazinyo abushelelezi kubavoti baseThekwini abebeyihlanzile i-ANC yena wavota nayo yabuyela emandleni. Uma kungaba nalo muzwa ngeNkatha ne-ANC kungaba nengozi yokujeziswa ngabavoti maduze njengoba nokhetho loHulumeni Bendawo luseduze.

Uma Inkatha ikhetha ukuhamba noMK kuyokweqana izibiba njengoba bukhona ubufakazi ekutheni bavuna ensimini yinye. Njengoba kwenzeke ku-ANC naku-IFP bakhona abathe noma beyi-IFP kepha bavotela uMK.  Ngamafuphi uma abe-IFP bengawavulile amehlo abeMK bazokwakhela ngamaqubu abo.

Okusobala wukuthi Inkatha kulokhu isendaweni ebucayi okungathi uma inyathele kabi ilimale kakhulu.

Scroll To Top