Now Reading
IPhalamende limise zonke izinhlelo ebeziqondene nabeMK
Dark Light

IPhalamende limise zonke izinhlelo ebeziqondene nabeMK

Ngisho ubuholi boMkhonto Wesizwe (MK) sebungaguqula umqondo ngokuhambela ukuhlala kokuqala kwePhalamende eKapa sekuyofana nokuthela amanzi emhlane wedada njengoba iPhalamende selithathe isinqumo sokungaqhubeki nezinhlelo zokuthutha nokuhlala emahhotela eziqondene namalungu aleli qembu kulandela isinqumo salo sokuduba lo mcimbi.

Izindleko zokuhamba nokukhokhela izindawo zokuhlala zamalungu ePhalamende zikhokhelwa nguHulumeni futhi kumele zenziwe kusasele izinsuku eziyisikhombisa. Izolo kusihlwa uNobhala wePhalamende uMoloto Mothapo uthe iPhalamende linqume ukuthi zonke izinhlelo ezithinta iMK ziyekwe ngenxa yesinqumo sayo. 

Umhlaziyi wezepolitiki e-Unisa uSeannette Madonsela-Solomon uthe bekwanele ukuthi iMK ikudube ukuhlala kokuqala kwePhalamende, kodwa uma isifaka nencwadi yokuvimba ukuthi kungenzeki sekungolunye udaba. Uthe mancane kakhulu amathuba okuthi iMK iphumelele kule mizamo yayo ngaphandle uma namanye amaqembu ezojika ukwenza ngomzuzu wokugcina. Umnqamulajuqu wokwesekwa kukaHulumeni ngokomthetho waseNingizimu Afrika uphela ngoLwesihlanu ngehora leshumi ekuseni.

Isazi sesomthetho othinta uMthethosisekelo uLufuno Novondwe uthe yiNkantolo Yezomthetho kuphela engavimba ukuhlala kwePhalamende. Uthe ukuthi iMK iphonsela inselelo imiphumela yokhetho akusho ukuthi sekumele lingahlali iPhalamende. Uthe njengoba kuze kube yimanje ingekho incwadi yeNkantolo evimbla lokhu kuchaza ukuthi konke kuzoqhubeka ngokohlelo ngoLwesihlanu.

Khonamanjalo naphezu kwencwadi ebhalelwe uMabhalane wePhalamende ngesandla sikaNobhala Jikelele woMkhonto Wesizwe uMnu Sihle Ngubane lapho ecacisa ngokuthi uMnu uJabulani Khumalo akaseyena umholi waleli qembu futhi akagunyaziwe ukulimela ePhalamende, uKhumalo usaqhubeka nokuthi uzoba yingxenye yamalungu ePhalamende azohambela ukuhlala kokuqala kalesi sakhiwo eKapa ngoLwesihlanu. 

Ekhuluma izolo ntambama uKhumalo uthe sonke isinyathelo asithathayo usenza ngokulandela umthetho. UMabhalane wePhalamendeni uMnu uXolile George ubhalele uKhumalo incwadi ngoLwesihlanu emazisa ukuthi uNobhala weMK ubazise ukuthi akaseyena umholi waleli qembu.  Kule ncwadi uGeorge uthe, 

Isigaba 47(3)(c) soMthethosisekelo sithi ilungu lingalahlekelwa isihlalo ePhalamende uma lelo lungu liyeka ukuba ilungu lalelo qembu elimkhethile ukuba abe yilungu lePhalamende. Ngokulandela lesi Sigaba Somthetho ukulahlekelwa ubulungu beqembu kwenzeka ngokulandelwa komthetho.”

See Also

Esephetha uGeorge encwadini yakhe uthi ulwazi abaluthole eqenjini lukhombisa ukuthi kulandelwe yonke imigudu yangaphakathi ukuba uKhumalo asuswe njengelungu leMK.

Ngakolunye uhlangothi uKhumalo uyalele wonke amalungu eMK ukuba aphelele ePhalamende ngoLwesihlanu. Ngesikhathi sokuloba lapha iMK ibisamile ekutheni angeke ibe ingxenye yokuhlala kokuqala kwePhalamende lapho kuzoqokwa khona uSomlomo noMengameli okuyikho okuzohlahla indlela ekusungulweni kukaHulumeni Wokubambisana okwaba yisinqumo esathathwa emhlanganweni Wesigungu Esiphezulu se-ANC ngeledlule.

Ukungalubhadi kweMK angeke kube namthelela ekuthathweni kwezinqumo ngoLwesihlanu ngoba iPhalamende lidinga amalungu ali-135 ukuze likwazi ukuhlala. Leli qembu libhalele iNhloko Yabehluleli uRaymond Zondo limisa ukuhlala kwePhalamende kandukuba kubhekwane nezikhalo zalo mayelana nemiphumela yokhetho.

Scroll To Top