Now Reading
OKUNGAPHELI KUYAHLOLA: Izife ezicuphe iZinyoni
Dark Light

OKUNGAPHELI KUYAHLOLA: Izife ezicuphe iZinyoni

IMaritzburg United ingelinye lamaqembu abheke ukuthenga ilungelo leMoroka Swallows lokudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Emasontweni edlule izikhulu zeMoroka Swallows zikuqinisekisile ukuthi ziyalichitha leli qembu elibalwa namadala emlandweni kanobhutshuzwayo kuleli.

Leli qembu laseGoli ngesizini edlule belinezinkinga nalapho kwaze kwahamba inqwaba yabadlali, kwabe kunezikhalo eziningi zokuthi alibaholeli. Ukungahambi kahle kwezinto kwenze liyiqede kanzima isizini njengoba kwale kancane lidliwe izembe noma liyodlala imidlalo yokuhlunga egcine idlalwa iRichards Bay FC.

Umthombo welaboHlanga ongashayi eceleni uthe kubukeka konke kuzocaca ngeSonto elizayo ukuthi ngabe kuyenzeka yini lokhu okufiswa izikhulu zeMaritzburg United.

“Ngikhuluma nje baningi abadlali abakhululwe iMaritzburg United, mhlambe kusele abali-10 okuzongezwa kubona uma leli qembu lizilungiselela isizini ezayo. Izikhulu zinethemba lokuthi izifiso zazo zizofezeka,” kusho umthombo.

USamkelo Jali noSiboniso Conco bangabanye abadlali okuvela ukuthi badedelwe ileli qembu, kwabasele kukhona uBrian Hlongwa, uSanele Gaxa noXolani Silawula ukubala abambalwa.

Uma iTeam of Choice (Maritzburg United) igcina ikwazi ukuthenga ilungelo leMoroka Swallows lokudlala kuDStv Premiership isikhala sayo kuMotsepe Foundation Championship kuvela ukuthi kungenzeka sivalwe iSummerfield Dynamos FC.

See Also

ISummerfield Dynamos FC yaseChartsworth igijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Leli qembu likaCollin Naidoo kudala lizama ukunyukela kuMotsepe Foundation Championship kodwa lihluleka ingakho selizama ukuthenga, ngesizini yezi-2022/23 kwake kwavela ukuthi lifuna u-Uthongathi FC olwagcine luthengwa iMilford FC. 

NeMarumo Gallants kuke kwavela ukuthi isezingxoxweni zokuthenga iMoroka Swallows FC. 

Scroll To Top