UHlabisa uthi bazolinda iMK ngezikhalo zokhetho KwaZulu-Natal
UMholi we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uVelenkosini Hlabisa uthi bazolinda uMkhonto Wesizwe ukuba uphothule zonke izindlela ozisebenzisayo ukuphonsela inselelo imiphumela yokhetho ngaphambi kokuba babheke ukuqala izingxoxo zokubusa ngokubambisana. UHlabisa uthi abakwazi ukuthi bangakhulumisana neMK ekubeni isikushilo ukuthi ayiyamukeli imiphumela yokhetho.
UMsholozi wenza okufanele ngokusebenzisa ilungelo lakhe ukuphonsela inselelo imiphumela yokhetho. Uqale ngokuya eNkantolo Yezokhetho njengoba udaba eselidlulisela phambili ekwenza lokhu ngokulandela umthetho ngaphandle kodlame,” kusho uHlabisa ohlelweni lwezingxoxo esiteshini somsakazo iSAFM namuhla ekuseni.
UHlabisa eqhuba uthe ukhathazekile ngezinkulumo zokuqubuka kodlame KwaZulu-Natal uma kugcina ngokuthi iMK ingayamukeli imiphumela yokhetho, futhi wayevele ekhathazekile nangaphambi kokhetho. “UJacob Zuma wabamba iqhaza elikhulu ekuqedeni udlame KwaZulu-Natal ngesikhathi esinzima angiboni ukuthi uyafisa ukubona izwe libuyela kulesiya sikhathi elalikuso ngodlame.
Eqhuba uthe njengoba kuqale uhlelo lwezingxoxo zokubambisana kwamaqembu bavulelekile ukuxoxisana nawowonke amaqembu. “Okwamanje akukho esikuxoxayo neMK njengoba ingakayamukeli imiphumela yokhetho. Mayelana nombimbi lwamaqembu angaphansi kweMoonshot Pact oluhlanganisa iDA, i-IFP, i-Action SA, iBosa uHlabisa uthe izivumelwano ezenziwa zazigxile ekusebenzisaneni kuHulumeni Kazwelonke zingazithinti izifundazwe noHulumeni Basekhaya.
Ephawula ngokuma kwezibalo nokubambisana kwamaqembu KwaZulu-Natal uveze ukuthi kumele wonke amaqembu abambe iqhaza, waveza ukuthi ukusebenzisana namaqembu amancane bayakubhekisa kodwa kungaba yingcuphe. I-IFP iyiqembu eliphisayo KwaZulu-Natal emuva kokuthola izihlalo ezimbili. Naphezu kokutshalwa kwamaphoyisa engeziwe kulesi sifundazwe isimo sithule akukho zigameko esezike zabikwa. UNgqongqoshe Wezokuvikela uNkk uThandi Modise nozakwabo Wezamaphoyisa uMnu uBheki Cele bathe angeke kwabekezelelwa ukuphulwa komthetho abezokuvikela bazosebenzisa ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi kunokuthula.