Now Reading
INFP iqede ukuqagula ngohulumeni eKZN
Dark Light

INFP iqede ukuqagula ngohulumeni eKZN

INational Freedom Party (NFP) iqede ukuqagula ngokuthi uzoma kanjani uhulumeni waKwaZulu-Natal.

UMengameli weNFP uMnu u-Irvin Barnes uthe iqembu lithathe isinqumo sokweseka ukusebenzisana ne-ANC, iDA ne-IFP esifundazweni. Ivoti leNFP belimqoka kuzona zombili izinhlangothi koluholwa yiMK ne-IFP. Isinqumo seNFP sifane nokushayelela isipikili sokuthi uMnu uThami Ntuli we-IFP nguye ozoba uNdunankulu Wesifundazwe.

UMhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi i-Unisa uSolwazi uSuzanne Booysen uthe amaqembu akumele asheshe ajabule ngoba konke manje sekuncike kumalungu esiShayamthetho ukuthi azovota kanjani kusasa. Uveze ukuthi kungenzeka abanye bavote ngokwehlukile ngoba bengahambisani nezinqumo zamaqembu abo.

Scroll To Top