Uyashuba umbango wokuhlungela kwazonyukela kwesiladelayo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IDondol Stars egijima kuSafa ABC Motsepe League eGauteng iyiqembu lokuqala ukuba lizibekele indawo emidlalweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship.
Leli qembu linqobe iligi yaseGauteng nangesizini edlule yilo ekade limele lesi isifundazwe.
Kwezinye izifundazwe kusemazi phansi kwazise kusanemidlalo ekumele idlalwe ngaphbi kokuthi kuphume amaqembu akhona.
Okuyikho okubukeka kuyimbangela yokuthi kuthathwa isikhathi ukuphela kweligi kwezinye izifundazwe ingoba kudlalwa ngamaqoqo. Zimbili kuphela izifundazwe okungadlalwa ngamaqoqo iseGauteng naseMpumalanga.
EMpumalanga khona umbango uphakathi kwamaqembu amathathu, okuyiKruger United FC, iDestiny College FC ne-Ehlanzeni United FC.
E-Eastern kunamaqoqo amabili kuqoqo B kunqobe iHighbury FC esilinde ozonqoba phakathi kuqoqo A lapho kubanga iSinenkani FC neFC Ravens.
Esifundazweni iKwaZulu-Natal nakhona umbango usashubile njengoba kule mpelasonto kuzodlala imidlalo yokugcina. Kuqoqo A umbango uphakathi kweNjampela FC noMkhumbane FC, kuqoqo B khona kubanga uMkhambathi FC noMsinga FC.
UMkhambathi FC noMsinga FC bazotholana emdlalweni wokugcina ozonqoba lapho uyobe eseqeda phezulu kuqoqo B.
EFree State iBloemfontein Celtic isinqobile kuqoqo A, isilinde ozonqoba phakathi kweMangaung United neMathai-thai FC.
Esifundazweni iLimpompo kuqoqo B iTzaneen United isilinde phakathi kweMpheni Defenders ne-Emmanuel FC abakuqoqo A.
ENorth West sekulindwe ozonqoba phakathi kwe-Army Rockets FC neThames FC abaqede phezulu emaqoqweni.
ENorthern Cape kuqoqo A INC Professionals FC isilinde phakathi kweJacksa Spears neSaint FC.
Kwisifundazwe sokugcina okuyiWestern Cape iFN Rangers iqede phezulu kuqoqo A, umbango ushubile kuqoqo B njengoba emathathu amaqembu asembangweni.
Kulawo maqembu asembangweni iGrassy Park United, iClarewood JPM FC neMaties FC.
Amaqembu azonqoba kuzona zonke izifundazwe ayobe esebhekana eNorth West lapho kuyobe kudlala khona imidlalo yokuhlunga ngoNhlangulana.