Isinqumo sabaqondisa ubugwegwe bahoxise ikilabhu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ikhala ezimathonsi iMenenja yoMkhumbane Classic uKenneth Ndabezitha ngokubehlele bengalindele beyiqembu.
Kuvele ukuthi isinqumo sekomiti eliqondisa ubugwegwe leSouth Africa Football Association (Safa) esifundazweni iKwaZulu-Natal ABC Motsepe, sixoshe i-Oyzn Academy.
I-Oyzn Academy ayikwazanga ukuthi iye emidlalweni yayo engaphezulu kwemithathu, okubalwa neyomkhumulajezi iZLM Project Cup.
Ukuphuma kwaleli qembu kube sekusho ukuthi wonke amaqembu adlale nalo alihlula aphucwa amaphuzu.
UMkhumbane Classic ubusudlale kabili nayo i-Oyzn Academy uyihlule kabili, okusho ukuthi ulahlekelwe amaphuzu ayisithupha.
“Le nto isilimaze kakhulu njengoba besisembangweni omkhulu okuthi singanqoba eqoqweni lethu. Kodwa ukuphucwa amaphuzu ayisithupha, ngalesi sikhathi sesizini akuyona into eyamukeleka kalula,” kusho uNdabezitha.
Ukuphucwa koMkhumbane Classic kaSthembiso “Mashalofu” Mabaso amaphuzu ayisithupha kuyishiye ilele endaweni yesibili ngamaphuzu angama-30 emva kwemidlalo eli-14.
Iqembu elihlezi phezulu iNjampela FC yaKwaNongoma enamaphuzu angama-35 emidlalweni eli-15.
“Asililahlile ithemba okumele sikwenze ukunqoba kule mpelasonto bese siba namaphuzu angama-33. Bese siyabona ukuthi kwenzakalani ngempelasonto ezayo lapho siyodlala imidlalo yokugcina sonke. Nalapho sobe sibheke ukuthi sinqobe bese iNjampela iyaqhuzuka, lokho kobe kusibeka phezulu eqoqweni,” kubeka uNdabezitha.
Kule mpelasonto uMkhumbane Classic uzotholana phezulu neMuzi King Masters, lo mdlalo uzobanjelwa eWema Stadium kusasa ngehora lesithathu ntambama.
“Abadlali iqale yabadida le nto kodwa ngenhlanhla sinabadlali abakhulile abasiqondayo lesimo esicishe sibe kanje, ukuthi lena into eyenzekayo ngasekupheleni kwesizini kulesi sigaba seligi. Kodwa bazimisele ukwenza kahle kule midlalo esisalele” kusonga uNdabezitha.
Kodwa lokhu akulimazanga uMkhumbane Classic kuphela kodwa sesifake engcupheni yezembe amaqembu amabili iStone Breakers neTitanic FC.
Kuqoqo B khona umbango uphakathi koMkhambathi FC onamaphuzu angama-39 noMsinga United FC wona onamaphuzu angama-37. Womabili lamaqembu ayadlala kule mpelasonto.