Now Reading
Babheme bakholwa becotshelelwa abezikhungo zemfundo ephakeme
Dark Light

Babheme bakholwa becotshelelwa abezikhungo zemfundo ephakeme

Kube injabulo yodwa ngesikhathi abafundi baseKing Cetshwayo abenza umatikuletsheni bethola ingqayizivele yethuba yokululekwa ngemikhakha nemigomo yokungena ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo. 

Lo mcimbi obungoMgqibelo ubusenkundleni yezemidlalo iKing Dinuzulu, eShowe. Bekuhlangene abafundi bezikole ezingaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo.

Kulo mcimbi bekukhona abase-Unversity of North West (NWU), i-University of KwaZulu-Natal (UKZN), i-University of South Africa (UNISA), iMancosa, i-Owen Sithole School of Agriculture, iMaritime School, iMangosuthu University of Technology (MUT), iBerea Tenchnical Technology, abakwaSAPS, abezempilo  kanye nezinye izinhlaka. 

ElaboHlanga ebelihambele lo mcimbi likhuluma noSanele Mkhize othe ufunda eShowe High School uthe kuyabakhuthaza ukufika kwabantu bezemfundo ngokuhlukana kwabo. 

“Ulwazi esiluthole namhlanje lukhulu kakhulu, sekulele kithina ukuthi sithole imiphumela engcono kuze sizokwazi ukwenza lezi zifundo esifisa ukuzenza. Okuhle ukuthi umuntu useyazi usebenzela phezu kwani, njengoba kushiwo ukuthi baningi abafundi abasuke bebhalisile ikakhulukazi abasuke bezoqala ngalokho kuzomele baphumelele kahle kakhulu,” usho kanje. 

Uthe kuzomele aqinise ezibalweni njengoba efisa ukwenza izifundo okudingeka ube namamaki angcono ukuze ukwazi ukuthathwa.

Omunye okunguZandile Biyela waseNdlabeyiphika High eMthonjaneni, uthe balithokozele kakhulu ithuba abalitholile.

“Esikufundile kukhulu kakhulu besingeke sikuthole kothisha, kodwa besidinga abantu baseNyuvesi besichazele kabanzi. Inkungu ivulekile hhayi kimina kuphela kodwa kubafundi abaningi akade bekhona,” esho kanje.

See Also

IMeya yaseKing Cetshwayo uMnu uThamisanqa Ntuli uthe kuyamjabulisa ukuthi nonyaka lo mcimbi wenzeke ngendlela efanele.

“Kubuhlungu ukuthi ipolitiki ingena nalapho okungamele ingene khona. Bengiphatheke kabi nyakenye, ukuthi lo mcimbi awubanga ngendlela eyayilindelekile nyakenye lokho kwenziwa abantu ababona ukuthi ungoweqembu elithize. Kubalulekile ukulethelwa kwentsha abezikhungo zemfundo ephakeme ingakho sichithe inkece eningi silanda amaNyuvesi ngokuhlukana kwawo ngoba siyazi ukuthi imfundo iyikusasa lezwe. Akubalulekile ukuthi izingane zisizwa umuntu wakuliphi iqembu. Abanye nje othisha baze babhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi zihanjiselweni kuNtuli ngoba uyiNkatha. Lokhu kuhlezi kungishiya nombuzo wokuthi kuyicala yini ukulekelela abantu bakithi, ngoba ngisuke ngingenzeli uNtuli kodwa ngisiza abantu bakithi,” kusho uMnu uNtuli.

UMnu uNtuli wazise abafundi ukuthi kunenkece abayibekele abafundi bakamatikuletsheni kulabo abazophumelela kahle. NoMasipala abangaphansi besifunda iKing Cetshwayo bazobeka inkece yabafundi.

“UMntwana waKwaPhindangene wayehlezi ekubalula ukubaluleka kwemfundo, ngakho nathi silandela imiyalelo yakhe. Sohlezi siyeseka imfundo. Lo mcimbi bekuwukushintsha umqondo wengane ukuthola ithuba lokuhlangana nomuntu ovela eNyuvesi ayicobelele ngolwazi,” kusho uMnu uNtuli.

Scroll To Top