OKaNgwane uthi akanantola ngokuncintisana nabesilisa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNkk uNonkululeko MaHlongwane Mhlongo omele iRise Mzansi embangweni wokuba uNdunankulu KwaZulu-Natal, uthi akumfaki itwetwe ukuthi ubanga nabesilisa futhi abanamava kwipolitiki.
Uthe njengoba zisondela izinsuku zokuvota bona bagxile kakhulu emkhankasweni wabo, abafuni ukuphazanyiswa izinto eziseceleni.
Kulabo abagaqele esokuba uNdunankulu kukhona uMnu uThamisanqa Ntuli we-Inkatha Freedom Party (IFP), uMnu uChris Pappas weDemocratic Alliance (DA) noMnu Siboniso Duma we-African National Congress (ANC) ukubala abambalwa.
“Ukuqokwa kwami nabantu besilisa nabadala kupolitiki akwenzi ekutheni mina ngisebenza kanjani, noma ipolitiki yethu injani eqenjini iRise Mzansi. Nginabo abantu abangithatha kancane ngoba ngimusha, kodwa engikwaziyo ukuthi lapho engingena khona ngifike ngiqhakaze ngimele abantu besifazane kanye nabantu abasha okuyibo abaseqhulwini. Ngiyakwazi ukukhuluma izinto ezithinta bona, ngikhulume nangezindlela esingashintsha ngazo impilo yabo uma siphatha” kusho uNkk MaHlongwane Mhlongo oneminyaka yobudala engama-37.
Uthe le nhlangano bayiqale eminyakeni emithathu edlule kodwa yethulwa emthethweni mhla zili-19 kuMbasa nyakenye.
“IRise Mzansi iqalwe abantu abaqhamuka emikhakheni ehlukahlukene ngoba sibona umonakalo owenziwa iqembu elibusayo. Esikholwa ukuthi singawenza umehluko uma sinikezwa ithuba” usho kanje.
Ngaphambilini le ntokazi ibisebenzisana nemiphakathi kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo iminyaka engaphezulu kweli-12. Lapho besiqeqesha abaholi bakusasa, abanye babo bakhona kuyona iRise Mzansi.
Phakathi kwezinto ezibalwe uNkk MaHlongwane Mhlongo athi bazozenza kulesi sifundazwe uma benqoba ukhetho:
- Ukuvelela amathuba omsebenzi abantu abaneminyaka engaphezulu kwenzangama-35.
- Ukweseka omama abakhulisa izingane ngabodwana, kube ukuthi ababakhokheli omalume abalanda izingane uma ziya esikoleni.
- Kuzojutshwa ithimba emphakathini elizolekelela umphakathi uma ubhekene nezikhukhula.
- Imali eyanele ezonikezwa izinkampani ezingezi nzuzo.
- Ukuqeda izindlu zangasese zemigodi.
- Bazoxosha abasebenzi baHulumeni abazotholakala bedayisa izindlu, befune ukufaka nabantu ngemali emisebenzini.
“Ngiyafisa abantu mhla zingama-29 kuNhlaba abantu bephume ngobuningi babo bevotele iRise Mzansi. Ngoba ilona qembu elizoza noguquko ayi lawa amanye amaqembu” esonga.