Now Reading
Ikhala ngokunyundelwa yi-IFP iNFP
Dark Light

Ikhala ngokunyundelwa yi-IFP iNFP

INational Freedom Party (NFP) izofaka isikhalo ku-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba isola Inkatha Freedom Party (IFP) ngokungaziphathi kahle. 

NgoMgqibelo iNFP ibinomcimbi wokwethula umqulu wezikhongeli, lo mcimbi ububanjelwe ePrince Mangosuthu Stadium Olundi.

Ngesikhathi sekumele kukhulume uMengameli waleli qembu, kuvele kwaphephezela indiza enophephela omhlane. Leyo ndiza ibinefulegi le-IFP elinobuso bomsunguli wayo uMntwana waKwaPhindangene Buthelezi. 

Ngokusho kwesitatimende esibhalwe iNFP kuvela ukuthi amalunga aso awasinambisisanga amanye aze alisho ngembaba elokuthi “azoziphindiselela”.

“Sishaqekile, sidumele ngesenzo esifana nalesi. Sizothatha izinyathelo ezinqala ngokumelene nalokhu kuziphatha.

Nakuba sikwamukela ukuthi i-IFP inalo lonke ilungelo lokukhankasa ngokukhululeka kodwa lokhu okwenzekile asivumelani nakho,” kusho isitatimende.

See Also

Siqhube sathi isitatimende: “Okusikhathaza kakhulu ukuthi sekungokwesithathu amalungu nabalandeli be-IFP bephazamisa imibuthano ye-NFP. E-Escourt amalungu e-IFP aphazamise umbuthano weNFP kwenzeka okufanayo oLundi. Njengoba sekwenzeka futhi ngempelasonto edlule.” 

Lokhu kwenzeka nje ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, wonke amaqembu eKZN, asayine iCode of Conduct, ezibophezela ukubekezelelana.

“Kusobala ukuthi i-IFP ibisayina iCode of Conduct nje ibizenzela. Sizobhalela i-IEC sikhalaze ngokusemthethweni ngokuziphatha okunjalo. Akukho okunye kodwa kuwukungaziphathi ngendlela esezingeni eliphezulu,” kusho isitatimende.

Scroll To Top