Amantombazane
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDkt Desiree Ellis uthi yize behluliwe emdlalweni wobungani kodwa ubona bedlale kahle kakhulu.
UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN) uGugu Ngema uthi amaqembu akulesi sifundazwe ayibamba kuTelkom Netball League (TNL) azokwenza kahle kulo nyaka.
Uzohlonishwa ngeziqu zobudokotela umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.
Kuphelile ngephupho leBanyana Banyana lokuzibekisela indawo kuma-Olympic Games.
Uphoxekile umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ezakhe zihlulwa wukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games.
Ufuna bafele enkundleni abadlali bakhe uma sebebhekene neNigeria namuhla ngelesi-7.30 ebusuku umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi nakanjani iqembu lakhe ulifuna libe sebhanoyini elizoya eParis, eFrance kuma-Olympic Games.
Umqeqeshi weBanyana usekubeke kwacaca ukuthi akuphelile ngephupho leqembu lakhe lokuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngoNtulikazi.
Isansonsotha inhliziyo kanozinti weBanyana Banyana uKaylin Swart kulandela ukuguqiswa yiNigeria.
Ngeke izikhathaze ngamazinga aphezulu okushisa iBanyana Banyana ezogadulisana neNigeria emdlalweni omqoka.
IBanyana Banyana isizithwese ijoka lokuziveza ukuthi ingani ingompetha be-Africa Cup of Nations (Afcon) kwabesifazane.
Uhleka yedwa umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ngokubuya kwabadlali abanesipiliyoni.
Uvuma ingcindezi ebhekene neqembu lakhe umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis.
U-Asanda Hadebe ongumdlali weSunflower WFC kuvela izindaba zokuthi maduze uzobe egqoke ijezi leMamelodi Sundowns Ladies, njengoba kuvela izingxoxo naleli qembu lasePitoli sezimaphethelweni.
Ubonge Ongabonwayo umgadli weBanyana Banyana uJarmaine Seoposenwe ezifaka emabhukwini omlando eMbombela Stadium, eMpumalanga ngesikhathi elakuleli lishaya iTanzania ngeli-1/0 emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela.
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis usedonse ngendlebe abadlali bakhe.
IBanyana ibhabhadise iTanzania ngana-3/0 emlenzeni wokuqala womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka ozayo.
IBanyana Banyana isibekele umgomo wokujabulisa abalandeli uma isibhekene neTanzania emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka.
Isihlabani somgadli weBanyana Banyana uThembi Kgatlana sivule isifuba ngezinhlungu abazizwa bephuthwa ama-Olympic Games aseTokyo kwelaseJapan ngokwedlule.
Le ntokazi eneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye igijima kuSunflowers FC. Kuleli qembu ibamba ibhande likakaputeni. Ibonakale okokuqala igqoke imifaniswano yeqembu lesizwe ngesikhathi elakuleli libhekene neMozambique emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon) yabesifazane ngoMfumfu ngowezi-2021.
Akafuni ukuzixaka ngomlando umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ezakhe ezitholana phezulu neTanzania emidlalweni emibili yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka ozayo.
IBanyana Banyana isizithwese ijoka lokuqhubeka nokuba yiqembu lesizwe elihamba phambili kwabesifazane e-Afrika. Njengamanje iBanyana ikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika. Ngaphezu kwalokho iyona engompetha be-Africa Cup of Nations (Afcon) kwabesifazane.
IBanyana Banyana ihlose ukugwema ihlazo uma isibhekene neTanzania emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis kwelaseFrance ngonyaka ozayo.
Ulangazelele ukufaka isandla ekutheni iBanyana Banyana izibekiselele indawo kuma-Olympic Games uThalea Smidt osanda kubuyiselwa eqenjini lesizwe.