Now Reading
Kuphela amazwi kuSangweni ngomdlalo wangeSonto
Dark Light

Kuphela amazwi kuSangweni ngomdlalo wangeSonto

Injini yoMsinga United uThamisanqa Sangweni uthi uhluleka nokuchaza ubumqoka womdlalo wabo wangeSonto. 

UMsinga United uzotholana phezulu neNjampela FC,  KwaNgcedomhlophe Stadium, eMandeni. Lo mdlalo ufana nowamanqamu njengoba iqembu elizonqoba lizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal kowokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship. Womabili la maqembu  aqede phezulu emaqoqweni. 

“Lo mdlalo angazi nokuthi ngingakuchaza kanjani ukubaluleka kwawo. Kusukela kubadlali, abaqeqeshi, izikhulu nabalandeli siyabazi ubumqoka wawo. Mina ngiwuThami, ngihlezi ngikulungele ukulwela iqembu nangeSonto amava enginawo ngizimisele ukuwasebenzisa,” kusho uSangweni. 

Le njini eneminyaka yobudala engama-34 inamava njengoba ngowezi-2009 yagqoka ijezi laMaZulu FC, yadlulela kwiMamelodi Sundownz, i-Ajax Cape Town, iChippa United, i-Orlando Pirates, iRichards Bay FC, iMaritzburg United neTS Sporting. 

“Ngifika ekuqaleni konyaka ngijoyina uMsinga United ngamukelwa ngezandla ezithokomele, ngifike ngathola bekhona abadlali abanamava kanye nabasabancane esihloniphanayo nabo. Ngijabule kakhulu, ingakho ngifuna ukuthi mangithola ithuba ngeSonto ngilisebenzise ngendlela efanele,” usho kanje.

INjampela FC noMsinga United badlalile koweZLM Project Engineering okuwumqhudelwano wamaqoqo nalapho umdlalo waphela bebambene ngamagoli amabili. 

“Bayiqembu elinzima, ngeSonto ngingasho ngithi kuzoguga utshani. Kodwa ejimini kuyakhombisa ukuthi ozakwethu bafuna ukuwunqoba lo mdlalo. Sizifake thina ekutheni siqede phezulu eqoqweni, nokuthi simele isifundazwe iKwaZulu-Natal kulele kuthina,” kubeka uSangweni ongumfowabo kaSiyabonga “Nsimbi” Sangweni wodumo kuPirates neBafana Bafana.

ElaboHlanga limbuza ukuthi ungakanani umehluko kulesi sigaba adlala kusona nakuPSL uthe: “Lapha kudingakala ukuyhi ube nomfutho, kanti kwi-PSL kudingeka umqondo kakhulu. Uqeqesho oluthola esigabeni esiphezulu alufani nalana, ngoba amaqembu akhona anezinto ezingekho lana,” usho kanje.

See Also

Uthi uyakholelwa ukuthi kusengenzeka noma yini abuyele kwiDStv Premiership. 

“Angilulahlile ithemba lokuphinde ngidlale kwiDStv, kodwa okwamanje ngisagxile ekwenzeni kahle kuMsinga United. Ngifisa ukufeza iphuphu leqembu lokulinyusela kuMotsepe Foundation Championship,” esonga. 

Phambilini lo mdlali uke wazikhalela ecela usizo kunoma iliphi iqembu elingamnila ithuba lokuphinde adlale ebholeni elikhokhelayo kodwa usizo akalutholanga.

Scroll To Top