Nguqhude manikiniki phakathi kweLos Blancos neCitizens namuhlanje
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Yingwe nengonyama phakathi kweReal Madrid neManchester City, abazotholana phezulu emdlalweni weQuarterfinal ye-Uefa Champions League.
Lo mdlalo kulindeleke ukuthi udonse izinkumbi zabalandeli abaningi bakanobhutshuzwayo emhlabeni. Umlenze wokuqala uzobanjelwa eSantiago Bernabeu, eMadrid umlenze wesibili uyobe usuba e-Etihad Stadium eManchester, e-England mhla zili-17 kwephezulu.
Okuzokwenza ukuthi lo mdlalo ushube ingoba ngesizini edlule iMan City ngesikhathi inqoba lo mqhudelwano indlela yayo yadlula kuyona iReal Madrid enomlando wokuba iqembu elisawunqobe kaningi okungamahlandla ali-14.
IMan City neReal Madrid emlenzeni wokuqala badlala ngokulingana ngegoli elilodwa nhlangothi zombili, emlenzeni wesibili iqembu lase-England lanqoba ngamqgoli amane eqandeni.
IMan City ezuze isicoco yeChampions League okokuqala emlandweni, ibhekene nenselelo yokusivikela ngaphansi komqeqeshi uPep Guardiola okunguyena oqophe umlando ngokuzuzela leli qembu laseManchester lesi sicoco esihlonishwayo emhlabeni.
Ukungabi sefomini enhle kweMan City kuPremier League njengakusizini edlule, yikho kanye okuqongisa ingcindezi kuGuardiola ekukhipheni amangwevu kuChampions League ukubuyisa ithemba kubalandeli baleli qembu ngokuvikela ngempumelelo lesi sicoco.
“IReal Madrid iyiqembu elehlukile kunelangesizini edlule, linomdlali oseqophelweni eliphezulu uBellingam (Jude) owenza izinto zenzeke. Ukubhekana neMadrid kuhlale kunzima, akekho ongakuphika lokho. Kubuhlunguke kulokhu siyobhekana nayo iwulungiselele ngokwanele lo mdlalo njengoba inesikhathi kade yagcina ukudlala, thina siphuma emidlalweni enzima,” kusho uGuardiola.
Ngasohlangothini lweReal Madrid uCarlo Ancelotti ubhekwe ukuthi aphinde enze kahle, njengenjwayelo kwazise usewunqobe amahlandla amane.
“Inhloso wukuwunqoba lo mqhudelwano, ukuze uwunqobe kufanele wehlule amaqembu anzima. ICity iyiqembu elihamba phambili njengamanje e-Europe, ngakho-ke uma ufuna ukuba ngompetha base-Europe kumele uhlule iCity. Kuzoba umdlalo onzima weQuarterfinal esizowudlala ngokuzethemba,” kusho u-Ancelotti ecashunwa yi-Uefa.com.
Imidlalo yama-quarterfinal e-Uefa Champions League:
Namuhla
- i-Arsenal neBayern Munich (Emirates Stadium).
- NgoLwesithathu
- iParis Saint-Germain neBarcelona (eParc des Princes).
- i-Atletico Madrid neBorussia Dortmund (eCivitas Metropolitan Stadium).
- *Yonke le midlalo iqala ngelama-21:00.