UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi wAmazulu FC uPablo "Cijimpi" Franco uthi balindele umdlalo onzima buma sebebhekene neSekhukhune United.
Abalandeli beqembu eliphikisayo esifundazweni iKwaZulu-Natal okuyi-Inkatha Freedom Party (IFP) baqhubekile nokwenzela leli qembu iqiniso.
Inkinga yamanzi eqhubekayo kuyona yonke iNingizimu Afrika isiphazamise ukufunda esikhungwini semfundo ephakeme i-University of Zululand (Unizulu), KwaDlangezwa Campus.
IMeya kaMasipala weSifunda iKing Cetshwayo uMnu uThamsanqa Ntuli udonse abantu baseMfolozi ngendlebe ukuthi kumele kube yibo abavike ingqalasizinda ukuze izinkinga zamanzi zizosheshe ziphele.
Iqembu lase-England i-Arsenal iqede ishobolo leminyaka idlulela kowamaQuarter-final omqhudelwano omkhulu wamaqembu i-UEFA Champions League.
UMntwana uZuzifa Buthelezi kanye nomndeni wonke wakwaButhelezi bawunikeze izibusiso umjaho waminyaka yonke obizwa ngePrince Mangosuthu Ultra Marathon.
Hamba minyaka ubani owayazi ukuthi ngelinye ilanga kothi uma kuzodlala omkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando…...
Bazothola ingqayizivele yokubuka umdlalo wabakhaya baseSoweto phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates nowayeyisihlabani seChiefs uSithembiso Ngcobo abalandeli bebhola abakhele indawo yase-Adams namaphethelo.
Uma ukhuluma ngezokusubatha esifundazweni iKwaZulu-Natal iqembu iBlack Diamond Athletics Club, ngeke yasala ngaphandle ngokwenza kahle.
UMengameli weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenzakwakhe Ngwenya ujabule kakhulu kufezeka iphupho lakhe.
UMengameli weThekwini Region uMazwi Mkhize kuyamkhathaza ukugcwala kwabaqeqeshi bangaphandle kuleli.
Sekuvele ukuthi akasekho emhlabeni uSiphiwe Ignatius Mkhonza owagqama kakhulu kuKazier Chiefs.
Injini yaMazulu FC uCelimpilo "Zidane" Ngema uthi kumele bavuke bazithathe emdlalweni wabo olandelayo.
Kulindeleke umdlalo oshilubile phakathi komkhaya basesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC neRoyal AM.
Iqembu lakuleli lekhilikithi labanokukhubazela emehlweni libukise ngeNew Zealand, liyihlula kuyona yonke imidlalo.
Kugcine kuphume igama likaJenny Van Dyk njengomqeqeshi omusha weSpar Proteas okuyiqembu lalapha eNingizimu Afrika leNetball.
Iqembu lepolitiki neliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) lilokhu liqhubeke njalo nokungena ezindaweni zasemalokishini esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ukube yipolitiki besizothi kubangwa iKomkhulu lesizwe. Seziyangqubuzane futhi; eyaseKapa neyasePitoli
ILamontville Golden Arrows ebhinjelwa izinto izoshiywa umdlali wayo omqoka uma kuphela isizini. Loyo mdlali nguVelemseni "Diski Dance" Ndwandwe (owaseGudunkomo), njengoba kuvela ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe uma kuphela isizini.
Kulindeleke liqhubeke nokwenza kahle iqembu lalapha eNingizimu Afrika lekhilikithi yabangaboni njengoba libhekene neNew Zealand.
UMengameli weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenza Ngwenya, uthe umdlalo ophakathi koMkhumbane Classic neNjampela FC uzodlaliswa unompempe odlalisa esigabeni esiphezulu.
Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uMabhuthi Khenyeza uthi kulokhu bazobhukula ekutheni bengashawa induku eyodwa. Leli qembu laKwaZulu-Natal lizotholana phezulu neTS Galaxy koweNedbank CupITS, lo mdlalo uzokuba ngoLwesihlanu eHammarsdale, eMpumalanga Stadium, libumbene elesi-7 kusihlwa.
Iqembu lakuleli lekhilikithi yabangaboni liyivule ngokunqoba imidlalo yochungechunge ebhekene kuyona neNew Zealand. Le midlalo ebanjelwe lapha eNingizimu Afrika, iqale izolo. La mazwe azotholana phezulu emidlalweni eyisithupha yeT20 bese ephinde etholane kowodwa we-One Day International (ODI).
Abalimi abasafufusa abazinze ngaphansi kukaMasipala wesifunda Amajuba, endaweni yaseChelmsford bathulwe umthwalo njengoba behlomule ngezitshalo eziyizi-20 000 ezincane.