Now Reading
Seliyaqala elikanobhutshuzwayo ezikoleni
Dark Light

Seliyaqala elikanobhutshuzwayo ezikoleni

Iyasuka iyahlala namuhla imidlalo yeligi yezikole ezibizwa ngokuthi iCity Logistics Safa KwaMashu Legends Schools League. 

Le ligi idlala izikole ezili-12, kuzona lezi zikole kuba neqembu labaneminyaka engaphansi kweli-16 bese kuba abadala. 

NgoLwesithathu kufike kudlale abaneminyaka engaphansi kweli-16, bese ngoLwesine kudlale abadala. 

Izikole eziyingxenye yale ligi iKwesethu High School, iNqabakazulu Secondary, iVuyiswa Mtolo High School, iDr J.L Dube High School, uMzuvele High School, iZakhe High School, iSibonelo High School, iSivananda Technical School, iJ.G Zuma High School, iJ.E Ndlovu High School, iZeph Dhlomo High School ne-Inhlakanipho Secondary School.

Imidlalo yonke kulindeleke ukuthi isongwe mhla zili-17 kuNhlaba, kanti kuzosetshenziswa izinkundla ezintathu okuyindundla inombolo 4, inombolo 5 kanye nenombolo 7. Imidlalo yamanqamu idlalelwa ePrincess Magogo Stadium. 

Akugcini ngokuba namaqembu abesilisa kuphela kodwa nawesifazane akhona, kule ligii.

Nyakenye ompetha kwabadala kube iDr J.L Dube High School, kwabaneminyaka engaphansi kweli-16 iNqabakazulu Secondary kwabesifazane kwanqoba iNhlkanopho High School.

Le ligi ixhaswe abakaCity Logistics, ngokubambisana noMnyango Wezemfundo esifundazweni iKwaZulu-Natal, iKwaMashu Local Football Association (LFA), iSafa eThekwini noMasipala weTheku. 

ElaboHlanga likhulume noMazwi Mkhize ongumengameli weSafa eThekwini, othe bayohlezi beyiseka le ligi.

“Uma kukhulunywa ngebhola lezikole fuze ingabe into ehlezi idlala ingami ngoba ilapho engikholwa ukuthi ithalente ligcwele khona. Mina ngiwuMkhize ngohlezi ngileseka ibhola lezikole, uma ungakhuluma ngabadlali abakhiqizwe ilona lelibhola kungashona ilanga. Ngiyafisa ukuthi uHulumeni nosomabhizinisi baseke ibhola lezikole” kusho uMkhize.

See Also

Eqhuba uthe: “Okunye okumqoka ukuthi abaqeqeshi abaqeqesha ezikoleni kumele bathole ukuqeqesheka babe neziqu. Ezikoleni zondlebe zikhanya ilanga kulandwa abaqeqeshi abaneziqu bezoqeqesha ikhilikithi okanye umbhoxo. Njengoba kunganzima ukuba bakhokhelwe ezikoleni zakobantu, kuthathwe bona othisha ngaphakathi beqeqeshwe” kubeka uMkhize. 

Omunye okhulume nelaboHlanga uNkemelo Tsoane weKwaMashu LFA.

“Kuyajabulisa ukuthi nakulonyaka le ligi izoba khona. Ibhola lezikole kusukela kudala libaluleke ngendlela eyisimanga. Ibhola laKwaMashu lisekwe ibhola lezikole, ingakho sizoyiseka le ligi njengoba sihlezi senza. Okunye okumqoka ukuthi izingane ziyafunda ukuthi ezemidlalo nemfundo into eyodwa” kubeka uTsoane. 

Imidlalo yanamuhla ihlelwe kanje:

  • iVuyiswa Mtolo High School vs Dr J.L Dube High School ngele-13:00
  • iKwesethu High School neZakhe High School ngele-13:00
  • iMzuvele High School ne-Inqabakazulu Secondary ngele-13:00
  • iJG Zuma neSivananda Secondary School ngele-15:00
  • Isibonelo neJE Ndlovu High School ngele-15:00
  • iZeph Dhlomo ne-Inhlakanipho High School ngele-15:00.
Scroll To Top