UMondise ukhala ngesithanqa seqembu elibusayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isishiphi seqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) sesinuke saze sanukela aMakhosi imbala.
Lokhu kuvezwe iNkosi yakwaMthembu uSithole, ngesikhathi ekhuluma eShane eGreytown emcimbini we-Inkatha Freedom Party (IFP) wokukhankasela ukhetho oluzoba semasontweni azayo.
INkosi yakwaMthembu uSithole iveze ukuthi uHulumeni usedlale ngabo kakhulu, ebathembisa izulu nomhlaba kodwa egcina engakwenzi abathembise khona.
“Sesikhathele abantu abavele bashiphe nje, abantu uma bezwa ukuthi bahalela ukushipha bavele beze kuthina basishiphele. Uma bezwa ukuthi abacime ugesi labantu bayawucisha benza noma yini nje. Umbuzo-ke uthi ubani ozomgxeka? Le nto ikutshela ukuthi uma nihlezi kushipha umuntu ubani ongamkhomba uthi uyena okwenzile lokho,” kusho iNkosi.
Iqhuba ithe: “Kwafika laba beqembu elibusayo bathi kimina: ‘Ndabezitha silethe naba ogandaganda abazolekelela emphakathini’, ngikhuluma namhlanje abekho babathatha babuyela nabo emumva. Bathi bazokwakha irenki yamatekisi kuze kube inamhlanje ayakhiwe. Lokhu kukutshela ngokusobala ukuthi laba bantu abanendaba abahloniphi ngisho aMakhosi imbala. Namanje ngoba kuza ukhetho basazoqhubeka bezothembisa abantu izinto ezinkulu, abangeke bazenze ekugcineni,” kubeka iNkosi.
INkosi ibe isinxusa abantu akade bethamele umcimbi ukuthi mhla zingama-29 kuNhlaba, bavotele uguquko bengadidwa ilaba bantu abazolokhu befika kubona behamba ngezimoto ezinkulu.
“Sikhathele impela, bantu bakithi ngiyacela ukuthi nisikhulule kulesi sibopho esikusona. Sidinga ushintsho manje. Nathi sikhathele, singabantu phela. Ngikhuluma nje ingakanani intsha elana eneziqu kodwa engasebenzi, ugesi uhamba nsuku zonke ngingabala kuse,” kubeka iNkosi.
Ibe isicela ukuthi uMnu uThamisanqa Ntuli uma ethola ithuba lokuba uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal aqhubeke nemisebenzi yakhe emihle.
“Mphemba (abakaNtuli) imisebenzi yakho iyazikhulumela, mhla lulunye kuNhlangulana uma ungena eHhovisi likaNdunankulu ngiyafisa ukuthi ungaguquki uqhubeke usebenzele abantu bakithi. Angingabazi intuthuko ngaphansi kobuholi bakho sizoqhubeka nokuyibona ngamehlo,” isonga iNkosi.
UMnu uNtuli uqhubekile nokukhumbuza abantu ngamaphuzu ali-15, awasho emasonyweni amathathu edlule ngesikhathi ethula usomqulu weqembu waKwaZulu-Natal.
Lapho abale ukuqeda ubugebengu, ukuvuselela ibhange iThala, nokunye.