Now Reading
Ukuzimisela kweBhele kuqhakambisa iKwaZulu-Natal kwezokusubatha
Dark Light

Ukuzimisela kweBhele kuqhakambisa iKwaZulu-Natal kwezokusubatha

Inyamazane enguJenet Mbhele ilokhu iqhubekile lokuphephezelisa ifulegi lesifundazwe iKwaZulu-Natal emiqhudelwaneni ehlonishwayo ayi eNingizimu Afrika kodwa emhlabeni jikelele.

Ngempelasonto le nyamazane ibigijima umjaho weTotalsports Two Oceans Marathon eCape Town, nalapho eqede khona endaweni yesine ngesikhathi esiwu-3:41:08. Ukuqeda endaweni yesine kuyenze yahlabana nendondo yegolide. 

Bekungokokuqala uJenet eba yingxenye yalo mqhudelwano waminyaka yonke oba ibanga lika-56km. 

UJenet ngaphambi kwalo mjaho wazise elaboHlanga ukuthi ngeke azifakele ingcindezi yokuqeda kwabali-10 bokuqala, kodwa ithuba  balivela uyobe eselisebenzisa lelo thuba. 

Nyakenye uJenet wabalwa nabali-10  abaqeda phambili kwiComrades Marathon, nalapho waphinde wahlabana nendondo yegolide.  Nonyaka usevele enawo umjaho awunqobile okuyiHarry Gwala District Marathon okuwumjaho wangakubo eMzimkhulu. 

Nonyaka iTotalsports Two Oceans Marathon kwabesifazane inqotshwe uGerda Steyn ngo-03:26:54, nanyakenye uyena owunqobile lo mjaho. Kwabesilisa khona kunqobe u-Onalenna Khonkobe ngo-03:09:30. 

Le ntokazi ithe ijabule kakhulu ngemiphumela eyitholile: “Ngaphambi kokuba ngigijime lo mqhudelwano ngangizitshelile ukuthi ngizozigijimela, kodwa ngithe uma ngibona ngizibona ngihamba kahle ngathi angisehlisi. Ngibonga kakhulu kubaxhasi bami okuyi-Under Armour abafikile ekuseni banginikeza inqwaba yezimpahla zokugijima ebengingazilindele lokho kube isikhuthazi esikhulu. Noma sengiyoqeda ngibone ngilindwe isikhulu sakhona kwa-Under Armour singilindile simi noCele weXcel Running Club,” kusho uJenet.

UZinhle Shabalala ube ngomunye wabaqeda kwabali-10 bokuqala kwabesifazane, naye uqhamuka KwaZulu-Natal. Phambili le ntokazi ibigijima kuXcel Running manje isikuHollywoodbets. Kwibanga lika-21km uNwabisa Mjoli noBusisiwe Chamane bangenile kwabali-10 bokuqala nabo baqhamuka kwisifundazwe iKwaZulu-Natal. 

See Also

Ezinye izintokazi zaboHlanga eziseke zathola indondo yegolide kuTwo Oceans Marathon uNontokozo Mkhize noSarah Mahlangu.

“ITwo Oceans ngingasho ngithi iyafana neComrades Marathon, obekungishayisa ngovalo ingoba bengiqala ukuyigijima asikho isimanga esitheni. Kodwa ngeke ngaqamba amanga ngikhathele kuyimanje ngiyobhucungwa umzimba,” usho kanje ebonga kuwo wonke umuntu omsekile. 

Uthe usebheke iComrades Marathon ezokuba semasontweni azayo.

Scroll To Top