Yethule isikhongeli sayo i-IFP oLundi yize kade liyidliva
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Phezu kwamakhaza nemvula ebikhona ngeSonto, Olundi, lokho akuwavimbanga amalunga eqembu eliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) ukuba agcwalise inkundla iPrince Mangosuthu Buthelezi.
Leli qembu elasungulwa uMntwana WakwaPhindangene ngonyaka we-1975, ngeSonto belinomcimbi wokwethula umqulu wezethembiso zokhetho obuhlelwe ubuholi be-IFP esifundazweni iKwaZulu-Natal. Ogaqele isikhundla sikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThami Ntuli, nguye obeyisikhulumi sosuku.
UMnu uNtuli wethule amaphuzu ali-15 abazowabeka eqhulwini uma benqoba ukhetho KwaZulu-Natal.
Inhloso yokwenza lomcimbi Olundi ingoba uMntwana WakwaPhindangene ungowokuzalelwa khona oNdini, kanti umzimba wakhe ulele khona. Kuohinde kube ilapho kunesigodlo seSILO uCetshwayo onomlando wokunqoba amaNgisi.
Yize lo mcimbi ubusoNdini kodwa ubuhanjelwe abantu abaqhamuka ezindaweni ezehlukahlukene lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ngaphambi kokuqala komcimbi uMntwana uZuzifa Buthelezi oyiNkosi yakwaButhelezi, wangena enkundleni wazungeza inkundla elandelwa iButho ngaleso sikhathi iNyosi ilokhu isho izibongo zakhe. Abaningi bavele basho bathi ngathi babona uMntwana WakwaPhindangene uqobo lwakhe.
Imvula ebikhona abantu bebeyithatha njengophawu lwesibusiso.
ElaboHlanga likhulume nabalandeli abambalwa be-IFP abasuka ezindaweni ezehlukahlukene.
“La maphuzu ali-15 abekwe uMnuz uNtuli engizomvotela mhla zinga-29 kuNhlaba, ngikholwa ukuthi aqine kakhulu. Angingabazi ukuthi bayengathola ithuba lokuphatha isifundazwe iKwaZulu-Natal uyokufeza lokho akubalulile emaphuzwini akhe. Sizidele emakhazeni nasemvuleni ngoba sihlonipha umsunguli waleliqembu uMntwana WakwaPhindangene kanye nabaholi abakhona eqenjini” kusho uMnu uXolani Ndwandwe wakaNongoma.
Leli bhungu lithe bakhathele ukuhlala ekhaya beyintsha bengasebenzi, akunikwe i-IFP ithuba.
Omunye okhulume nelaboHlanga uNomfundo Khumalo waseRichards Bay uthe: “Inkatha ilona qembu engikholwa ukuthi lizoqhamuka nesixazululo sokwenza amathuba emisebenzi entsheni. Kuliqiniso ukuthi iningi intsha ehlezi ekhaya, futhi iyona eningi kubantu ababhalisele ukuvota. UMnuz uNtuli usebenzile kakhulu, siyakholwa ukuthi uma engaba uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal engasebenza kakhulu,” kusho uNomfundo.
Okugqamile ngalomcimbi ukuthi abaholi bebekhombisa ukuthi bazobambisana, baphinde bathembisa ukuhamba ezinyathelweni zomsunguli weqembu uma benqoba isifundazwe.
Umndeni wonke wakwaButhelezi ubukhona enkundleni.
Emva kokuthi uMnuz uNtuli ethule inkulumo yakhe kwaqhuma okhilikhethi, emva kwesikhashana esincane kwadlala ividiyo eqoshiwe lapho uMntwana waKwaPhindangene wabe ecula iculo elithi “Jikelele Jikelele” elicula nabalandeli beqembu.
Kwabe sekuqubuka umunyu kwabaningi bethi ngathi ukhona enkundleni uMntwana waKwaPhindangene.
Bebesho ngaphandle kokusaba abalandeli beNkatha bethi uMnu uNtuli akaqophisani namuntu kwesokuba uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, indlela akhuluma ngayo eyomholi kanti amagalelo akhe ayaziwa.
Leli qembu lisazoqhubeka nokuhambela izindawo likhankasa, okubalwa iseGoli, iMpumalanga nezindawo zaKwaZulu-Natal.