Now Reading
UThabekhulu woMsinga United uthi sebegxile kolandelayo okungaba yimpumelelo
Dark Light

UThabekhulu woMsinga United uthi sebegxile kolandelayo okungaba yimpumelelo

Umqeqeshi woMsinga United uMpumelelo Mpanza uthi okwenzeke izolo ngeSonto sekuyinto efana nomlando kuyena. 

Izolo uMsinga United unqobe umdlalo  obubhekwe kakhulu lapho kade utholene noMkhambathi FC. La maqembu abesembangweni wokuqeda phezulu kuqoqo B, iqembu ekade lizonqoba belizoqeda phezulu.

UMsinga United ube usunqoba ngamagoli amabili eqandeni amagoli eze noNtandoyenkosi “Aguero” Ngubane elesibili lize noLwazi “Mugabe” Mgwaba, lokho kuwenze waba namaphuzu angama-43 uMkhambathi FC wona uqede unamaphuzu angama-42.

“Sesijabulile kwadlula esesibheke khona umdlalo wethu olandelayo. Ngikhuluma nawe nje sesibuya ejimini ukuzozilungiselela. Sizofika isikhathi sokujabula okwamanje kumele siqhubeke nokunqoba imidlalo yethu” kusho uMpanza.

Umdlalo olandelayo woMsinga United kulindeleke ukuthi ube ngempelasonto lapho uzotholana phezulu neNjampela FC yona enqobe kuqoqo A. Iqembu elizonqoba  lizobe selithola igunya lokumela isifundazwe iKwaZulu-Natal emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

Ebuzwa uMpanza ngemfihlo yabo yokunqoba lo mdlalo wayizolo uthe: “UMkhambathi FC uyiqembu elidlala kahle kakhulu ingakho kade ulokhu uhlezi phezulu kulogi, abadlali baphakathi nesonto basebenze kanzima bekhombisa ukuthi bawulambele umdlalo. Indlela abasebenze ngayo abadlali ikhona okwasinikeza ithemba elikhulu lokuthi sophuma nemiphumela emihle eHarry Gwala Stadium,” usho kanje. 

UMpanza ngesizini edlule ubeyisekela likaDoctor Mkhonza kulona leli qembu, uthe ufunde lukhulu kuyena noSmart Ndlovu okunguye ungqondongqondo kuleli qembu laseMsinga. 

Lo mqeqeshi uneziqu zikaCaf C, iScottish C License neDutch Level 1. 

See Also

“Kube isizini enzima kakhulu kwazise akufani ukuba isekela mqeqeshi nokuba umqeqeshi ngoba kumele kube uwena othatha izinqumo. Kumele uqale iPre-Season, uhlwaye ikhono ubheke abadlali abazokusebenzela. Siyiqalile isizini, ngoZibandlela sibe sesilanda abadlali abanesipiliyoni ukuba bezolekelela” ubeke kanje.

“Ngibonga ukuzimisela kubadlali nakumphathi weqembu uWelcome Mpanza osiseke ngakho konke kanye nalabo asebenzisana nabo. Namanje ngisasho umsebenzi usamuningi, sizimisele ukuphinde simele isifundazwe bese senza kahle kweyokuhlunga,” esonga uMpanza. 

Lo mdlalo woMsinga United neNjampela FC uzodlalelwa enkundleni engavuni muntu, ngokuthola kwelaboHlanga kungenzeka ubeseThekwini.

Scroll To Top