UNgwenya ubona konke kuhambe ngokohlelo kule sizini
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UKwenzakwakhe Ngwenya omele iSouth Africa Football Association (Safa) KwaZulu-Natal uthi isizini yangowezi-2023/24 yeSafa KZN ABC Motsepe ibe impumelelo.
Imidlalo yeligi isongwe ngeledlule sekushodi ukuthi kudlalwe umdlalo wamaqembu amabili anqobe amaqoqo, bese elizonqoba lapho lizomela isifundazwe emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwiMotsepe Foundation Championship.
“Le sizini kube enhle kakhulu ngoba sibe namacala kucishe amabili esingathi abe makhulu. Ngokujwayelekile kuba namacala amaningi kube nemidlalo engapheli emini, lokho kugcina kwenza singabe sisayiqeda imidlalo ngesikhathi esisuke sihlele ngayo. Sibe nemiqhudelwano emibili ebinemali econsisa amathe, enye yezinto engingasho ngithi kube isizini enhle” kusho uNgwenya.
Le miqhudelwano emibili iPrimo Cup neZLM Project Engineering. AbakaPrimo bagcine sebeba abaxhasi bale ligi.
“Okusisizile ukuthi singabi namacala amaningi ukuthi ngaphambi kokuqala kweligi, saba nemihlangano noMenenja bamaqembu ukubaluleka. Umhlangano lona wathatha izinsuku ezine. Lapho sathatha isinqumo ukuthi uma kukhona icala elikhona senza isiqiniseko sokuthi azipheli izinsuku ezithize lingaqulwanga ukuze kungeke kuphazamiseke imidlalo” kubeka uNgwenya.
Eqhuba uthe: “Udaba lwe-Oyzn Academy siyaluqonda ngoba umnikazi wayo ubenezinkinga zezimali ngoba unelinye iqembu elidlala kuMotsepe Foundation Championship iMilford FC. Nokwenziwe iDlangezwe Hellenic sizokwenza isiqiniseko sokuthi iyajeza njengoba icala layo lizongena ngoLwesihlanu (Namuhla)” kusho uNgwenya.
I-Oyzn Academy ayikwazanga ukuqeda isizini kwaphoqeleka ukuthi wonke amaqembu aphucwe amaphuzu awathole edlala nayo. IDlangezwe Academy ngeledlule iphume enkundleni kade ilandela ngamagoli amahlanu eqandeni idlala noMkhumbane Classic.
Umdlalo wokukhipha iqembu elizomela iKwaZulu-Natal uzokuba ngeSonto kwaNgcedomhlophe Stadium eMandeni. Amaqembu azodlala uMsinga United neNjampela FC.
“Ngikholelwa ukuthi sizoliqeda ishobolo leminyaka lokunyusela iqembu kuMotsepe Foundation Championship. Amaqembu lawa amabili asebenzile kakhulu, ubufakazi balokho lamaqembu anqobe emaqoqweni awo ngosuku lokugcina okukhombisa khona ukuthi bekushubile kakhulu” kusho uNgwenya.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sagcina ukunyusela iqembu kuMotsepe Foundation Championship isabizwa ngeNational First Division (NFD), kwaba Uthongathi FC ngesizini yangowezi-2016/17.
UNgwenya uthe lo mdlalo wangeSonto uzodlaliswa unompempe odlalisa kwiPremier Soccer League (PSL), nabezokuphepha bazobe bejutshiwe ukuzoqapha yonke into.