Bafunga bayagomela ngokuqikelela ukukhutshwa yifindo elilodwa ekuhlungeni
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isikhulu soMsinga United uWelcome Mpanza sithi ngeke baqhuzulwe itshe elilodwa kulokhu uma kungathiwa baphinde bathola ithuba lokuyomela isifundazwe iKwaZulu-Natal emidlalweni yeSafa ABC Motsepe League National Play-Offs.
Le midlalo iyisango lokungena kuMotsepe Foundation Championship emakilabhini amabili, lawo asuke efinyelele kowamanqamu.
Ngesizini edlule uMsinga United yiwo obumele isifundazwe iKwaZulu-Natal emidlalweni eyayibanjwe eMgungundlovu, leli qembu likaMpanza kwalakancane ukuthi linyukele kuMotsepe Foundation Championship njengoba lahlulwa kowandulela owamanqamu.
UMsinga United unalo ithuba ukuthi nakule sizini ungaphinde umele isifundazwe iKwaZulu-Natal, uhlezi endaweni yesibili kulogi ngamaphuzu angama-40 ulandela uMkhambathi FC wona onamaphuzu angama-42.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni ozokuba ngeSonto eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Lona ngumdlalo wokugcina wamaphuzu iqembu elizohlulwa kobe kusho ukuthi kuphelile ngalo, elinqobelile lobe selilinda ukubhekana neqembu elinqobe kuqoqo A.
“Lo mdlalo esiya kuwona umqoka kakhulu, ozohlulwa kobe kusho ukuthi kuphelile ngaye. Ngalokho kuzoguga utshani eHarry Gwala Stadium ngoba alikho iqembu elizpfuna ukuba lihlulwe. Uma kuqala isizini wonke umuntu usuke efuna ukuqeda phezulu, ngalokho ithuba lokugcina lokuba sifeze lokho. Uma sinqoba lomdlalo sobe sesinamathuba amaningi okuthi simele isifundazwe iKwaZulu-Natal emidlalweni yokuhlunga, nokuyilapho uma kungathiwa siya khona ngabe siwalungisile amaphutha. Okunye okwasilimaza ukuqhathwa ne-Orbit College kowandulela owamanqamu, ngokomthetho kwakumele sidlale neMpheni yaseLimpompo. Lokho kwaba umkhoshosho ngoba kwaqhathwa sekuqhathwa enkundleni, thina sasazi ukuthi sihambisana nalokhu esakubona ezindlini zakaSafa eGoli,” kusho uMpanza.
UMkhambathi FC noMsinga United kumlenze wokuqala badlala ngokulingana kowabe useMzisho Stadium, eMsinga.
UMsinga United emva kokuyodlala imidlalo yokuhlunga, walahlekelwa abadlali abaningi abanye bathola amadlelo aluhlaza kanti abanye bahamba ngezizathu ezehlukene.
Lokhu kwashiya iqembu lingenabo abadlali, ebuzwa uMpanza ukuthi bakhone kanjani ukwakha iqembu elizokwazi ukuba sembangweni weligi uthe: “Kuliqiniso ukuthi sahanjelwa inqwaba yabadlali abamqoka saqala isizini sinokuxega. Kodwa okusisizile ukuthi sineqembu elidlala kuSAB League, ilapho esithathe khona abadlali abaningi sabe sesingeza ngabanye abaqhamuka kwezinye izindawo. Nakulokhu kulona iqembu lethu elincane sinabo abadlali esizobanyusa,” usho kanje.
Uthe abadlali bayakwazi okumele bakwenze ngeSonto, nabalandeli baleli qembu bazoyigcwalisa phama inkundla.
Nakuqoqo A umbango ushubile khona uphakathi koMkhumbane Classic waseThekwini neNjampela FC yakwaNongoma.
INjampela FC ihlezi phezulu ngamaphuzu angama-35 kuthi uMkhumbane Classic wona ube namaphuzu angama-33.
Nawo la maqembu azodlala imidlalo yawo yokugcina kule mpelasonto, iNjampela FC izodlala ne-Asande FC kuthi uMkhumbane Classic udlale neDlangezwa Hellenic.