OweNetball unethemba ngokuguquka kwezinga lamaqembu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN) uGugu Ngema uthi amaqembu akulesi sifundazwe ayibamba kuTelkom Netball League (TNL) azokwenza kahle kulo nyaka.
Amaqembu amabili akuleli awenzanga neze kahle kakhulukazi iKindom Stars egcine igawulwa izembe isuka esigabeni esiphezulu iya kwesingezansi. Elinye iqembu iKingdom Queens yona eqede endaweni yesihlanu esigabeni sesibili.
Imidlalo yeTNL okuyisizini ye-11 izoqala namuhla ngoLwesihlanu, le midlalo ngoba iqala iyoze isongwe mhla zili-19 kuNhlangulana e-Ellis Park, eGoli.
Ihlukaniswe kathathu, umzuliswano wokuqala uzoqala namuhla kuya mhla zinhlanu kuNhlaba, owesibili uzoqala mhla zingama-31 uphele mhla zinhlanu kuNhlangulana, owesithathu nowokugcina uyoqala zili-13 kuNhlangulana usongwe zili-19 kuwona uNhlangulana.
“Sikuqonda kahle ukuthi nyakenye izinto azihamba kahle emaqenjini alapha esifundazweni iKwaZulu-Natal, ngalokho sibe sesihlala phansi sihlela indlela esizozilungiselela ngayo. Izinhlelo zethu zine zinhle kakhulu ingakho ngikholelwa ukuthi sizoba nesizini enhle” ubeke kanje.
IKingdom Stars izobe iqeqeshwa uPrecious Mthembu ophinde aqeqeshe iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-2, uzobe elekelelwa uNompumelelo Mthembu. IKingdom Queens yona izobe iqeqeshwa uqweqwe lo mqeqeshi uMagda du Plessis ozobe elekelelana noMaso Mbatha.
“Sinabadlali abaqhamuka kwiSuper League esibabonole ukuthi ikhono banalo nesingakungabazi ukuthi bazokwenza kahle. Nonyaka nakanjani iqembu elilodwa lizobuyela esigabeni esiphezulu,” kusho uGugu.
Iqembu elinyukele phezulu iLimpompo Baobabs, kuthi elingomakoti iNorth West Tshukudu.
Esewonke amaqembu azobe eyinxenye yeTNL kulo nyaka iLimpopo Baobabs, iLilies, iCrinums, iSonobomo, Diamonds, iFireballs, iJaguars, iSunbirds, iStings, iTornados, iKingdom Stars, iKingdom Queens, i-Aloes, iComets, iFlames neTsukudu.
IKingdom Stars: uNozipho Ntshangase (ukaputeni), uNelisiwe Msweni, uJordan Buys, uGrace Daley, uDikeledi Mpanza, uNtombenhle Shongwe, uNoxolo Mdlalose, u-Asanda Ndaba, uSinenhlanhla Msomi, uTyra Scott, uNozipho Sithole no-Aphiwe Thusini.
IKingdom Queens: uNokwanda Zulu (ukaputeni), uKirsten Ford, uNokuthula Nxele, uNompumelelo Khumalo, uDesiree Gravett, uMbali Chonco, uSibanga Mdletshe, uTana de Freitas, uSimphiwe Sibisi, uSenamile Mthembu, uLonwabo Khumalo noNkanyezi Makhubela.

