Now Reading
UMphathiswa uKhawula usayine isivumelwano nababambiqhaza ngeDundee July
Dark Light

UMphathiswa uKhawula usayine isivumelwano nababambiqhaza ngeDundee July

Intaka ibekelwe amazolo emjahweni womtelebhelo wamahhashi obizwa ngokuthi iDundee July Horse Racing. 

Lo mjaho waminyaka yonke ubanjelwa eNdumeni Horse Racing Track eDundee, ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi, kulindeleke ukuthi uqale ekuseni kusasa ngoMgqibelo. Nonyaka lo mjaho okhula ngesivinini uzokube uqeda iminyaka eli-19 wasungulwa.

Ngaphambi kokuba kuqale lo mjaho kuzoba nezinye izinto ezizokwenziwa okubalwa unobuhle waseDundee mese kuba neStreet Carnival edolobhen.

Nonyaka isiteki sizokuba u-R1,7 wesigidi, okungenzeka sigcine sinyuka uma kugcina kuya ngezinhlelo.

Kulindeleke ukuthi kubonakale amahhashi aqhamuka kwezinye izifundazwe lapho kubalwa iMpumalanga, iFree State ne-Eastern Cape akhona naqhamuka eLesotho.

Kuzokuba nemijaho eli-10 bese kuthi omkhulu ube nesiteki sezinkulungwane ezingama-R300, bese kuthi ujokhi athole izinkulungwane ezingama-R30.

Ngasohlangothini lwabesifazane kuzoba nomjaho wabaneminyaka engaphansi kwe-12 nowesigaba esivulelekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule umhlanganiso wadliwa yihhashi laseMpumalanga, elaziwa ngokuthi u-Alpha & Omega owayegitshelwe nguLindani Dube, ongasekho emhlabeni. UDube ongowokudabuka eDaggakraal, eMarsfoort eMpumalanga.

Izinjomane ezibhekiwe ukuthi zidle umhlanganiso kumjaho omkhulu kukhona uMbayimbayi, uZamcolo, uBarcelona, uMazondo, uNxakanxaka noTrouble Maker.

See Also

UMnyango Wezemidlalo kulesi sifundazwe oholwa nguMntomuhle Khawula usanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana neKZN Gaming and Betting Board, i-Agribusiness Development Agency, iNational Horse Authority neTourism and Environmental Affairs ngenhloso yokuthuthukisa lo mdlalo esifundazweni.

IMeya yeSifunda uMzinyathi uPetros Ngubane uthi lo mjaho uthuthukisa kakhulu osomabhizinisi bendawo, ezokuvakasha ngokunjalo nabemboni yezokuthutha.

“Ngikhuluma nawe nje izindawo zokulala zigcwele zonke lana eDundee, abantu sebethola izindawo zokulala koMnambithi naseNewscastle. Osomabhizinisi abancane abadayisayo babekelwe indawo abazodayisa kuyo . Abemfashini bayahlomula. Lo mjaho nePrince Mangosuthu Ultra Marathon yiyona mijaho le ethuthukisa umnotho wethu. Ngakho sithi abantu abaphume ngobuningi babo bazoba yingxenye yale ndumezulu yomjaho. Asingabazi ukuthi nakulo nyaka izinga lizobe linyuke kakhulu” kubeka uNgubane.

UNgqongqoshe Wezemidlalo kulesi sifundazwe uMntomuhle Khawula uthe: “Lo mqhudelwano usafakazela ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal siyakwazi ukusingatha abantu. Simi ngomumo ukusingatha abantu abazofika eDundee bezothamela lendumezulu yomqhudelwano. Siyakhokhelwa ekutheni abantu bazowufukula umnotho” usho kanje. 

Scroll To Top