Now Reading
Oselingisa kuZalo uthi akukapheli ngaye ebholeni
Dark Light

Oselingisa kuZalo uthi akukapheli ngaye ebholeni

Unozinti wodumo ku-AmaZulu FC uSiyabonga Mbatha uthi akakasithathi isinqumo ngekusasa lakhe kunobhutshuzwayo.

Kuke kwaqubuka imibuzo eminingi ngoMbatha abantu befuna ukwazi ukuthi ngabe usawumdlali yini noma amakhokho usewabeke emgibeni. 

Obekwenza kube nemibuzo ingoba muva nje usebonakala emdlalweni wethelevishini Uzalo, oludlala ku-SABC 1 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ligamenxe elesi-8 kusihlwa.

Kulo mdlalo udlala indawo kaMbense ungumdlali aphinde abe ukaputeni weKwaMashu FC lapho eqeqeshwa khona uSiyabonga “Bhele” Nomvethe naye ozakhele udumo kunobhutshuzwayo edlala kuleli naphesheya kwezilwandle. 

Egcina ukubonakala esenkundleni uMbatha oneminyaka yobudala engama-35 ubevimbe kwiLamontville Golden Arrows. 

“Empeleni kukhona abantu abafuna ukwazi ukuthi ngabe ngisawumdlali kanobhutshuzwayo noma cha, impendulo yalokho ithi yebo ngisewuyena. Ngiyakuqonda ukuthi ikusasa liyamfimfa ebholeni kodwa khona angakawabeki amakhokho emgibeni. Ngikhuluma nje ngiyaziqeqesha” usho kanje uMbatha. 

Ukukhuluphala kungezinye izinto ezalimaza ikusasa likaMbatha, amanye amaqembu ekhala ngokuthi umzimba wakhe mukhulu.

NgoZibandlela wake waziqeqesha neCape Town Spurs kodwa yangamusayina, iSekhukhune United nayo yagcina ingamusayinisanga.

Ebuzwa elaboHlanga ukuthi akhona yini amaqembu amthintayo uthe: “Kukhona iqembu elingifunayo elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, kodwa ngithathe isinqumo sokungayi khona ngoba khona esingavumelani ngakho. Ngeke ngisuke lana eThekwini ngiye ngaphandle kwesifundazwe, ekubeni ngizothola imali engikwaziyo ukuyithola ngilana ngaphandle kwebhola. Ngikhuluma nginezingane ezimbili, ezifunda ezikoleni ezikhokha imali yangempela engikwaziyo ukuyikhona ngaphandle kwebhola. Lokho kuveza isithombe sokuthi angiswele kakhulu, ukuthi  sengingaze ngidlala kude nezingane zami. Malingaqhamuka ithuba eqenjini lakude ngingaya kodwa, akube ukuthi ngizothola into ezongijabulisa” kusho uMbatha.

See Also

Lo nozinti waseMlazi kunesikhathi lapho eke wabasefomini eyisimanga wafunwa uthuli i-Orlando Pirates, nabalandeli baze bamdinga ukuthi aye eqenjiji lesizwe iBafana Bafana. 

Uthe uyazibona esengawadlala amasizini amabili, okanye amathathu esigabeni esikhokhelayo. 

Ngaphandle kwa-AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows uMbatha udlalile kwiThanda Royal Zulu, iFC Cape Town, i-African Warriors neBloemfontein Celtic.

UMbatha akagcini ngokulingisa kuZalo kodwa uneSiyabonga Mbatha Foundation, uphinde adayise amagilavu onozinti. 

Scroll To Top