Now Reading
UNkota ube iqhawe iPirates iqeda ishobolo leminyaka
Dark Light

UNkota ube iqhawe iPirates iqeda ishobolo leminyaka

Kugqame uMohau Nkota ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni, lapho kade ibhekene neCR Belouizdad yase-Algeria koweCaf Champions League.

La maqembu abetholene phezulu kumdlalo wokuqala wamaqoqo, lo mdlalo ubuseStade 5 Julliet 1962izolo kusihlwa. 

Uthe uqala umdlalo iPirates bekungathi yiyo edlala ekhaya njengoba ibilokhu iligcinile ibhola, ngomzuzu wesihlanu uNkota uvalele phakathi igoli navezwe khona uqekelele uRelebohile Mofokeng.

UNkota ngomzuzu wama-27 ubuyile ngegoli lesibili nokube yinguzunga yeshodi.

ICR Belouizdad izamile ukuhlasela nayo ifuna kuyiwe ekhefini okungenani inegoli elilodwa, kodwa uSipho Chaine wale waphetha evimba kwasani. Leli qembu lkbe selifaka uKhanyisa Mayo, ovele wangena washintsha umdlalo. 

UMayo owathola umkomelo weGolden Boot ngesizini ka-2022/23 ekwiCape Town City, ukwazile ukuhlupha kwakhe izitobha zePirates kube nomvuzo ngoba igcine ekwazile ukubhakuzisa inethi. 

See Also

Ukunqoba kwePirates lo mdlalo kufana nomlando njengoba yagcina eminyakeni eli-10 ukunqoba kumdlalo wamaqoqo ekuhambeni koweCaf Champions League.

Khonamanjalo kuzo ezithinta iCaf Champions League, iMamelodi Sundowns iyiqale ngebatha le midlalo njengoba ibambane neManiema Union ngeqanda. 

Bekubhekeke ukuthi ithole amaphuzu amathathu njengoba ibidlala ekhaya. 

Scroll To Top