Now Reading
UMengameli weKZNN nephupho lokuvulwa kweligi yabancane KwaZulu-Natal
Dark Light

UMengameli weKZNN nephupho lokuvulwa kweligi yabancane KwaZulu-Natal

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN) uGugu Ngema uveze ukuthi yize beziningi izingqinama akade bebhekene nazo kodwa kuningi okuhle abakuzuzile.

UGugu uveze lokhu ngesikhathi kade kuzokwethulwa labo abaqokiwe kwiminxa yabenze kahle nonyaka. AmaKZN Netball Awards azokuba kusasa ngoLwesihlanu, ngehora lesithupha kusihlwa eGarden Court Marine Parade, eThekwini.

“Kuqinisiwe mawungenazo izinkinga ngeke waphumelela, ngalokho ngiqonde ukuthi nonyaka sibe nezinkinga eziningi kodwa sakwazi ukuba nemiphumela emihle. Ngikhuluma nje amaqembu ethu enze kahle kwi-Telkom Netball League (TNL) okuyiligi enkulu lapha eNingizimu Afrika. Nemidlalo yeKZN Super League, nayo ikwazile ukuba impumelelo. Akugcinanga lapho kwiminxa eyisikhombisa kumaKZN Sport Awards kwemithathu sikwazile ukubuya nezindondo” kusho uGugu.

UPrecious Mthembu wanqoba oweCoach of the Year, iKhombindlela High School yanqoba oweSchool of the Year, kwathi uNkululeko Khumalo yena wanqoba oweTechnical Official of the Year.

“Nonyaka sikwazile ukuthi sithole abaxhasi abasha okuyinkampani i-Aquelle noHollywoodbets Foundation nawo uzinikele ekutheni uzosilekelela. Siyabonga kuMnyango wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal noSport Confederation ngokuthi babeseke” usho kanje.

Lo Mengameli uveze ukuthi kule mpelasonto kuzoba nendumezulu yemidlalo ebizwa ngeKZN Netball Junior Festival, le midlalo izoqala ngoMgqibelo isongwe ngeSonto eHoy Park, eThekwini.

See Also

“Isizulu suthi lugotshwa lusemanzi, ingakho sithathe isinqumo sokwenza imidlalo yezingane ezincane. Sifuna ukukhulisa izingane ngalo mdlalo kuwona wonke amakhona alapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Le midlalo izoba sezingeni eliphezulu kakhulu” kubeka uGugu.

Le midlalo izosakazwa bukhoma kwiSupersport Schools eku-216 kwi-Dstv.

“Siyababongela bonke abaqokiwe, ngikholwa ukuthi abenzelwanga kodwa ingoba basebenze ngokukhulu ukuzimisela kusukela kuqale unyaka” esonga.

Scroll To Top