Now Reading
Inkulisa esakhasayo isikhiqize abafunwa phesheya
Dark Light

Inkulisa esakhasayo isikhiqize abafunwa phesheya

USiyanda Dlamini ongomunye wabaqeqeshi nabasunguli beWexpress Sport Development Academy, ukhala ngokukhula ngesivinini kwale nkulisa ezinze eThekwini.

Le nkulisa isungulwe ngoMasingana walo nyaka okusho ukuthi kusaphele izinyanga eziyisithupha ikhona. 

UDlamini oseke wadlala kuMazulu FC, le nkulisa uyisungule ngokuhlanganyela noSnethemba “Snebenebe” Ngidi wodumu kuTS Galaxy noSifiso Mabanga oke wadlala kuChiefs.

Emvakwalokho babe sebelanda uPhilani “Mabhece” Cele oke wadlal kuChiefs noMartin Mthimkhulu odlale enkuliseni yeMamelodi Sundowns.

Abadlali abathathu balenkulisa bathole ingqayizivele yethuba lokuthi belifulathele elakuleli beyodlala kuD’gardens FC edlala  esigabeni sesibili eDubai.

Labo badlali u-Ayanda “Judas” Ndiyane, uLindo “Energy” Ngema noKwanele Gumede.

Ekhuluma nelaboHlanga uDlamini uthe: “Kuyamangaza kakhulu ukubona izinga lale nkulisa linyuka ngayo. Abafana esinabo banekhono eliyisimanga kakhulu, ngikhuluma nje maningi amaqembu lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal abafuna abadlali bethu ayi lapha kuphela kodwa naphesheya kwezilwandle imbala” uDlamini.

Ebuzwa ngenhloso yabo yokusungula le nkulisa uthe: “Izinhloso zokuvula le nkusi kwakukuthi njengabantu abadlalile emazingeni aphezulu kodwa sangafika la esasifuna ukufika khona. Kuncono sivule iskhungo esizophusha abafana ukuthi badlule la esagcina khona. inhloso yethu ukuvula imngcele yaphesheya kwezilwandle ngoba amathuba lapha eNingizimu Africa ayimvela kancane futhi nangendlela okwenziwa  izinto asihambiselani nazo. Nokuqoqa ke izingane emphakathini ngoba siyazi ziningi izinto ezingalungile ezenziwayo kulesi sikhathi esiphila kuso” kusho uDlamini.

Le nkulisa inezigaba ezimbili esokuqala esabaneminyaka engaphansi kwengama-21 kube abaneminyaka engaphansi kweli-17.

See Also

IWexpress Sport Development Academy idlala kwiDurban Central Local Football Association (DCLFA), kulogi abaneminyaka engaphansi kwengama-21 bahlezi endaweni yesibili kuthi abaneminyaka engaphansi kweli-17 bahlale phezulu esicongweni.

Ngokusho kukaDlamini uthi abadlali abadlala ngabo baqhamuka, KwaMashu, Ntuzuma, uMlazi, iStanger, uThongathi naseWestville, baziqeqesha eParlock Grounds, eNewlands West.

“Eminyakeni ezayo ukubona abadlali abaningi abaphuma kule nkulisa bemela iNingizimu Afrika.  Sisebenzisane nabezemfundo ephakeme (Universities) ukuthi bekwazi abadlali bethu ukusheba ibhola kanye nemfundo’ kubeka uDlamini.

Uthe ngakwezoxhaso balekelelwa inkampani yokugada Umqansa Protection Services neyokupheka Eyamadlodlo Caterers.

Scroll To Top