Now Reading
UNdlovu ufuna ukuqhubeka nokujabulisa iqembu
Dark Light

UNdlovu ufuna ukuqhubeka nokujabulisa iqembu

Umgadli osanda kusayiniswa AmaZulu FC uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, uthi ufuna ukuqhubeka nalokhu okwenze kwaheha leli qembu lamfaka emabhukwini alo.

UMbhobho osephenduke intandokazi kubalandeli bakanobhutshuzwayo esifundazweni iKwaZulu-Natal, uzakhele ugazi ngokuqhulula kakhulu amagoli.

Ngesizini edlule ugcine evalela amagoli angama-23 eqenjini abedlala kulo iSinenkani FC okuyiqembu elidlala kwi-Safa Eastern Cape ABC Motsepe League.

“Abalandeli balapha KwaZulu-Natal okwenze bangithanda ukuhlohla kwami amagoli emidlalweni eminingi, lokho kuyisikhuthazi esikhulu kumina ukuthi kuzomele ngiqhubeke nokuqhulula amagoli, ngibajabulisa njengoba bengenza. AmaZulu FC awangisayinisanga ngephutha, imisebenzi yami nokuzimisela okwenze ngalana engikhona” kusho uNdlovu ozogqoka unombolo-22.

Lo mgadli oneminyaka yobudala engama-28, ubonwe AmaZulu FC ngesikhathi eba ngumgadli owashaya amagoli amaningi kwiKhabba Cup ebingoNhlangulana. Kule midlalo yeKhabba Cup wayedlalela iqembu adlala kulo makuvalwe isizini iTwo For Joy yaseThekwini.

“Leli thuba kudala ngangilindile, ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngilibamba ngezandla zombili. Baningi akade bebefisa ukungibona ngithola inkontileka eqenjini elikhulu njengaleli” usho kanje.

Ebuzwa ngezifiso anazo kule sizini yakhe yokuqala esigabeni esiphezulu uthe: “Ngifisa ukuvalela phakathi amagoli angaphezulu kwali-15. Lokho kuzokwenzeka ngoba ukushaya igoli into engiyithandayo, okumele ngikwenze ukusebenzisa amathuba emidlalweni engiyidlalyo” kubeka uNdlovu.

Uthe baningi abantu angababonga ohambeni aseluhambile kunobhutshuzwayo, ingakho engafisi ukubabalula ngabanye.

See Also

UNdlovu uthulwe namuhla ngokusemthethweni njengomdlali woSuthu abanye athulwe nabo uKwandakwensizwa Mngonyama, u-Etiosa Ighodaro, uLuvuyo Phewa noBoniface Haba.

Kubuye kwathulwa abadlali ababili abancane uThato Matli noLernado Roy okuthiwa bazobolekiswa ukuze bezokhula.

Kuphindwe kwathulwa u-Aubrey Vilakazi ozoba ngumqeqeshi wonozinti emva kokuthi leli qembu lihlukene noWayne Sandilands. UVilakazi usuka eqenjini elidlala kwi-Dstv Diski Challenge (DDC), lalo uSuthu oseluxhaswe inkampani ebizwa ngokuthi-Amandla Mobile.

Scroll To Top