Now Reading
Ukunqoba kwethu iKZN Premier’s Cup kusinika ithemba: Mahlasela 
Dark Light

Ukunqoba kwethu iKZN Premier’s Cup kusinika ithemba: Mahlasela 

Ukaputeni weRoyal AM uKabelo Mahlasela ubona ukunqoba kwabo iKZN Premier’s Cup ngeledlule kubakhuthaza kakhulu ekuthenini benze kahle kule sizini ezoqala emasontweni azayo.

Ngeledlule iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize iguqise iMaritzburg United kowamanqamu eKZN Premier’s Cup ePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi. Lo mqhudelwano waminyaka yonke udlalwa amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal adlala ngaphansi kwe-Premier Soccer League (PSL).

UMahlasela ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Ngijabule kakhulu ukuthi sinqobe iKZN Premier’s Cup, le midlalo ibaluleke kakhulu ukuthi sikwazi ukuzibona sime kuphi ngaphambi ngokuthi kuqale isizini entsha. Ayisizike thina kuphela kodwa isiza wonke amaqembu alapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Ukunqoba kwethu, kuyisikhuthazi esikhulu kuthina ukuthi siyiqale kahle isizini ezayo” ubeke kanje. 

Ubalule ukuthi bafuna ukulungisa amaphutha angesizini edlule njengoba bengenzanga kahle. IRoyal AM ngesizini edlule iqede endaweni ye-13. 

I-AM inqobe lo mqhudelwano idlala ngezingane ezincane ezisuka kwi-DStv Diski Challenge (DDC), kwazise isazoqhubeka nokuthi ingangeni emakethe njengoba ingakakwazi ukungena emakethe ngenxa yesigwebo.

Lokhu kungenxa yesigwebo eyasithola enhlanganweni eyengamele ibhola emhlabeni iFifa, ngemuva kokulahlwa yicala lokunqamula inkontileka yomgadli odabuka eSerbia, uSamir Nurkovic, ngokungemthetho. 

Yabe iyalelwela ukuba imkhokhele isamba sezigidi ezili-R12 okungumyalelo eyawushaya indiva.

Kwaphinde kwaba ngesifanayo ithola isigwebo imangalelwa uRicardo Nascimento waseBrazil.

“Lento yokungasayinwa kwabadlali isimo esesibile naso isikhathi, okumele sikwenze thina esikhona ukuthi silwe kakhulu sigcine iqembu lidlala esigabeni esikhulu. Khona kuyasilimaza ngoba kunokuhamba kwabadlali bese singakwazi ukuthola abanye. Kodwa abadlali abasuka kwi-DDC batshengisa okukhulu ukuzimisela bayadinga ukunikezwa ithuba, thina esibadala kumele sibakhuthaze, sibalekelele makumele” kusho uMahlasela.

Leli qembu lisanda kushiywa uMenzi Masuku ojoyine iLamontville Golden Arrows noShaun Mogaila yena oye kwiSekhukhune United. 

See Also

IRoyal AM isalinde isinqumo seCourt of Arbitration for Sport (CAS) esizophuma mhla zili-13 kuMandulo nokuyisona esizocacisa ngesigwebo.

Iwindi lokuhwebelana ngabadlali liphela ngomhla zingama-20 kuMandulo.

NoMaMkhize uvumile ukuthi lesi sigwebo siyamkhathaza kakhulu uyavisa isinqubo sivune bona. 

“Ngiyathandaza ukuthi isinqumo seCAS sivune thina kodwa angifuni ukukhuluma ngaleyo ndaba. Angiyifuni leyo ndaba! Ngale kwalokho, ngikholwa wukuthi abadlali esibakhulisayo eqenjini lethu elincane leDiski Challenge bayathembisa, futhi bazokwazi ukwenza umsebenzi uma benikwa ithuba. Kwesinye isikhathi ngicabanga ukuthi ezinye izinto zenzeka ngesizathu. Uma uyibheka kahle le nto iyakutshela ukuthi ukuba asisitholanga lesi gwebo, mhlawumbe besingeke sigxile kubadlali bethu abancane. Mhlawumbe futhi lesi sigwebo besithi kithi, vulani amehlo, iqembu lenu linabadlali abangenza izinto zenzeke” kusho uMaMkhize.

Scroll To Top