Now Reading
Ukudubula kukaMbayimbayi kushiye ezinye izinjomane zinkemile
Dark Light

Ukudubula kukaMbayimbayi kushiye ezinye izinjomane zinkemile

UMelusi Gamede ufunga uyagomela ukuthi okwamanje ayikho injomane ezoma endleleni kaMbayimbayi, okuyinjomane egitshelwa nguye. 

Ngeledlule uMbayimbayi udle umhlanganiso emjahweni waminyaka nokhula ngesivinini iDundee July Horse Race.

Kusasa ngoMgqibelo amehlo azobe ethe njo emjahweni obizwa ngeKing Cetshwayo Horse Racing, ozokuba seMpangeni Airfield. 

“Okwenzeke ngeledlule akungithusanga nhlobo, bengivele ngazi ukuthi imina noMbayimbayi abazonqoba iDundee July Horse Racing. Ngikhuluma nje lo mjaho wangeledlule ubungowesikhombisa nginqoba, nakule mpelasonto ngizokwenza into efanayo. IKing Cetshwayo Horse Racing yimi ozoyinqoba lokho angikungabazi. Injomane ezoma endleleni kaMbayimbayi kulo nyaka, ujokhi oyobe eyigibele komele ngimxhawule impela ngoba kobe kusho ukuthi usebenze kakhulu,” kusho uGamede onqobe izinkulungwane ezingama-R350. 

Lo jokhi oneminyaka yobudala engama-30 ugibela injomane kayise, uZuthu Gamede waseMondlo.

UMbayimbayi ofike kwezwakala kulolu hlobo lomjaho, ngeledlule ushiye u-Ebenezer olale isibili no-Eliya ophume kweyesithathu. Akalibonanga elidlalayo u-Alpha & Omega waseMpumalanga, owayedle umhlanganiso nyekenye.

Ebuzwa ngokuthi yini imfihlo engaka ngeMbayimbayi uthe: “Ngimujimisa ngendlela ehlukile kakhulu okuyimfihlo yami. Namanje ngisasho le njomane ingeyekhethelo, ayikho okwamanje engiyibona ifika kuyona,” usho kanje. 

Njengoba kubhilite uMbayimbayi nje phambilini bekubhilite uNxakanxaka, uZamcolo noTrouble Maker okunguye odle umhlanganiso kuKing Cetshwayo Horse Racing nyakenye.

See Also

Eqhuba uchaze indlela ajabule ngayo ngokunqoba le mali engaka ngoba ubengakaze ayinqobe phambili.

“Angazi ngingayichaza ngithini indlela engijabule ngayo. Selokhu ngaqala ukugibela amahhashi bengiqala ukunqoba isamba esingaka. Ngisazobagqilaza abantu ngeMbayimbayi eyadubula ezintabeni zaseMondlo. Ngizowuthengela ukudla nezimpahla kwezinga eliphezulu. Enye imali izosiza ekhaya iphinde ilekelele nami njengoba ngesizinhlelweni zokuganwa,” usho kanje.

UGamede usethubeni lokuzikhandela itshe lemali kumasonto amabili kulandelana, uma kungathiwa ugcina uyanqoba nakule mpelasonto. Isiteki seKing Cetshwayo Horse Racing sona siyizinkulungwane ezingama-R300. 

Scroll To Top