Now Reading
Uphokophelele ukudlulisa ulwazi lokwahlulela kwabancane kwezamankomane
Dark Light

Uphokophelele ukudlulisa ulwazi lokwahlulela kwabancane kwezamankomane

U-Erick Khoza uphinde wathola ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika njengoba eqokwe ukuba ngelinye lamajaji empini yeWorld Boxing Council (WBC) Africa Junior Featherweight.

Le mpi yaleli bhande kulindeleke ukuthi ibe kusasa ngoMgqibelo eMbeya, eTanzania.

USabelo Ngebiyane walapha eNingizimu Afrika uphonsele inselelo ingqwele uFadhill Majiha.  Kule mpi uNgebiyane kulindeleke ukuthi avuke azithathe njengoba esanda kuginqwa umkhaya wakhe uBongani Mahlangu.

Ekhuluma nelaboHlanga uKhoza ongumakadebona esibhekeleni uthe kuyamthokozisa kakhulu ukuphinde amele iNingizimu Afrika.

“Ngiyazi akukhona okokuqala ngiyomela iNingizimu Afrika emazweni angaphandle,  kodwa ngijabule kakhulu ukuphinde ngithole elinye ithuba. Ngikhuluma nje amabombo abheke khona papha eTanzania, engizobe ngiya khona okokuqala. Ngithemba ukuthi uhambo lwami luzoba impumelelo” usho kanje. 

Kule mpi uKhoza odabuka eLamontville, eThekwini uzobe esebenzisana namajaji okubalwa asaseMalawi, Zambia nakhona eTanzania.

Ubuya ngisho emazweni aphesheya okubalwa iCanada, iGermany nase-United State of America (USA), namanye amazwe alapha e-Africa amaningi usewahambile.

Eqhuba uthe: “Njengoba sengineminyaka ethi ayibe ngama-30 ngenza lo msebenzi ulwazi enginalo sengiludlulisela kwabancane abalandela emvakwami. Lapho ngibala uSihle Zungu noBule Mthembu njengoba ngibafisela ukuba bekhule kulomdlalo” kubeka uKhoza.

See Also

Ngeledlule ubengomunye akade bedlalisa  ezimpini ekade ziseMoth Hall, eDundee ekade zihlelwe iHle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Sithole.

Uthe kuyamjabulisa ukubona isibhakela sikhula ngesivinini esifundazweni iKwaZulu-Natal.

“Kuliqiniso ukuthi izinga lesibhakela beselehlile kodwa manje lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal liyanyuka okuyinto enhle leyo. Ukuba khona kophromotha abafana noDkt Hlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions noHlengiwe Sithole weHle Jobe Boxing Promotions, kubuyisa ithemb. Ngoba labophromotha bayakwazi ukuqhatha ngaphandle kokuthi baze balinde ukuxhaswa uHulumeni” usho kanje. 

UNgebiyane uzoya kulempi nerekhodi lokunqoba izimpi ezili-15, ehlulwe eziyisithupha wadlala ngokulingana empini eyodwa. UMajiha yena usenqobe izimpi ezingama-30, wehlulwa kwezili-15. 

Scroll To Top