Now Reading
Abalandeli beMaritzburg United bafuna uKadodia esitikini
Dark Light

Abalandeli beMaritzburg United bafuna uKadodia esitikini

UDain do Santos ongumlandeli wokuqina weMaritzburg United, ufisa uFarouk Kadodia ongusihlalo waleli qembu eze kubona ezokhuluma nabo bengabalandeli ebalandise ngokwenzeka eqenjini.

Lo mlandeli usho lokhu njengoba kuvele izindaba zokuthi le kilabhu edlala kwiMotsepe Foundation Championship (MFC), kungenzeka ifudukele eThekwini unomphelo. Kuphinde kwavela ukuthi izophinde ishintshe negama. 

Lokhu kulandela ukwehluleka ukunqoba umbango noMasipala uMsunduzi wokuthi uwunike inkundla yawo iHarry Gwala Stadium ukuyisebenzisa njengoba isetshenziswa iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize egijima kwiRoyal AM. 

Kusukela yagencwa izembe iMaritzburg United, imidlalo yayo yasekhaya ibiyidlalela eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, eThekwini.

“Lezi zindaba besilokhu sizizwela kude, kodwa ngeSonto sibuya kwi-KZN Premier’s Cup ebisoLundi kusicacele ukuthi ziliqiniso impela. Lokhu kusiphatha kabuhlungu ngendlela okwenzeka ngakho ngoba akekho okhuluma nathi singabalandeli. Lento yaqala iqembu lidliwa izembe lafuduleka  eThekwini. Siyacela ukuthi uSihlalo weqembu uKadodia (Farouk), azokhuluma nathi singabalandeli. Sinemizwa siyezwela nathi lokhu okwenzakalayo kubuhlungu impela” kusho uDos Santos.

Lo mlandeli wazise elaboHlanga ukuthi uneminyake engaphezulu kwengama-20 elandela leli qembu. 

“Ngikhuluma nawe nje isimo simuncu kwi-Whatsapp Group yabalandeli bayo iMaritzburg United, sonke sidangele asazi ikuphi okwenzakalayo. Okubuhlungu ukuthi asazi kumele siwubhekise kubani umunwe, ingakho uKadodia kumele eze kuthina” kunaba uDos Santos. 

UDos Santos uphinde wabalula ukuthi uyafisa uNgqongqoshe weZemidlalo lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal uMtomuhle Khawula neMeya yaseMgungundlovu uMzi Zuma bangenelele ekutheni iqembu libuyele khona. 

Uthe akakungabazi ukuthi iqembu belizoyinqoba iligi yeMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule ukube belidlala eHarry Gwala Stadium. 

“Uma ubheka iTeam of Choice igeje ngephuzu elilodwa ekutheni iyodlala imidlalo yokuhlungela ukunyukela kwi-DStv Premiership. Lokhu kuveza ukuthi iqembu lenze kahle kakhulu. Angikungabazi ukuthi belizoyinqoba iligi ukube besidlala lapha ekhaya, manje yonke imidlalo bediyidlala ekuhambeni. Iqniso eThekwini akukhona ekhaya lethu. Imidlalo ebidlalwq ngoLwesihlanu inkundla ibizoke ibe luhlaza siyigcwalisile kungabibikho iqembu eliphuma namaphuzu” kusho uDos Santos.

ITeam of Choice ngesizini edlule iqede endaweni yesine ngamaphuzu angama-46, kweyesithathu kwaba iBaroka FC ngama-47, kweyesibili iTuks ngama-49 kwaba iMagesi FC eyagcina iqede phezulu ngama-57.

See Also

“Okubuhlungu kwathiwa ngeke kukwazi ukuthi kudlale amaqembu amabili eHarry Gwala Stadium, kodwa iRoyal AM ibisebenzisa le nkundla neqembu layo eliku-Dstv Diski Challenge kube uMkhambathi FC odlala kwi-ABC Motsepe League. UMasipala ikhona iNorthdale Stadium ingabe ilungisa yona okungenani” kubeka uDos Santos. 

NgeSonto uYounis Kadodia oyisikhulu esiphezulu saleli qembu waveza ukuthi bacabanga ukudayisa isitifiketi okuchaza ukuthi loyo ozosithenga uzoshintsha igama.

Lesi sinqumo uthe bazosithatha maduzane, ingakaqali iligi yeMotsepe Foundation Championship. Kule sizini leli qembu kuvela ukuthi lizodlalela eChatsworth Stadium.

Leli qembu kuke kwavela ukuthi lowo owayedlala kwiBafana Bafana uBryce Moon wakhona eChatsworth ufuna ukulithenga.

Bekuke kwavela futhi ukuthi bebefuna ukulidayisela iSummerfield Dynamos yakhona eChatsworth, bona bese bethenga iMoroka Swallows FC ngaphambi kokuthi ithengwe iMarumo Gallants. 

Scroll To Top