Now Reading
Kukhalwa ngamadoda aphuza isiqatha bese eshisa umlilo eNkandla
Dark Light

Kukhalwa ngamadoda aphuza isiqatha bese eshisa umlilo eNkandla

+1
View Gallery

IMeya yakuMasipala waseNkandla uMnu uMbhekiseni Biyela isola amadoda adla “isiqatha” ngokusushisa umlilo ogcina ungasalawuleki ugcina ulimaza imfuyo yamadoda endaweni.

UMnu uBiyela ubalule emcimbini obizwa nge-Imbizo yamadoda, lo mcimbi obuyizolo ngoLwesibili ububanjelwe eThalaneni Hall,  ku-Wadi 4 ngaphansi kweNkosi Khanyile.

Inhloso yalo mcimbi bekuzododisana amadoda njengoba kuzophela uNtulikazi okuyinyanga yawo amadoda. 

“Ngiyazi inhloso yalolu suku ukuthi sizododisana, kodwa ngeke ngingaqali kuleli phuzu elibaluleke kangaka. Leli phuzu elalabantu abashisa umlilo, iqiniso umlilo udalwa amadoda lawa adlala isiqatha. Namanje ngisazibuza ukuthi kusuke kuyini inhloso yalesi senzo. Lo mlilo uqubuka ngezintatha. Okubuhlungu kushiya abanumzane bemizi bencela izithupha ngoba kusha imfuyo yabo, kushe notshani okuthi zikwazi ukudla izimbuzi nenkomo zabo. Ngiyacela kube ukuthi sikhuluma okokugcina ngendaba yomlilo” kusho uMnu Biyela.

UMnu Biyela ubalule ukuthi umlilo wequbula ngeledlule ucekele phansi imizi engaphezu kweli-100, washisa wonke amadlelo. Abalimi manje badinga usizo lokuphakela imfuyo yabo. Omunye osolwa ngokuqala umlilo useyaziwa. 

Abanye abasolwa ngokudala umlilo ilaba abazingelayo, kanye nezigila mkhuba ezintshontsha imfuyo. 

Kulo mcimbi bekukhona amaKhosi, iziNduna, namadoda endawo. Izikhulumi ezinye ebezikhona zinomyalezo oshubile  kubalwa aboMnyango wezeMpilo, amaphoyisa, kanye nezinye izinhlangano ezehlukahlukene. 

Omunye okhulume nelaboHlanga uMnu Nhlanhla Mthembu ongumphathi weNkandla Hospital oxwayise amadoda ukuthi awayeke ukuziqhelanisa nezibhedlela.

See Also

“Ngokwezibalo lapha eNkandla amadoda iwona ashona kakhulu, iningi lawo alethwa asexhakiwe esibhedlela. Lokho kwenziwa ukuthi awafuni ukuza esakwazi ukuzihambela asheshe athole ukulapheka. Uma kungaphila amadoda nabantu besifazane bengaphila ngokunjalo nezingane” kushilo uMnu Mthembu.

Uphinde wadlulisa umyalezo wokuthi amadoda aseNkandla kumele amelane nokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane. 

Amadoda endawo awuthokozele kakhulu lo mcimbi atshele elaboHlanga ukuthi ayafisa engathi ungangabanjwa ngenyanga yamadoda kuphela, kodwa ube khona njalo. 

Scroll To Top