Now Reading
Ugabadele wafaka igxalaba uDladla ukulekelela usomankomane uMhlungu
Dark Light

Ugabadele wafaka igxalaba uDladla ukulekelela usomankomane uMhlungu

UPhromotha ofike kwezakala kwezamankomane uDkt Hlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions uthi uzimisele ukulekelela ibhokisa okubukeka sekuphelile ngalo esibhakeleni.

Leli bhokisa nguTheo Mhlungu waseDundee, oshiye impi yakhe iphakathi ngenxa yokuhlushwa ihlombe elingakosokudla.

UMhlungu ubeseringini ngeledlule ezimpini ebezihlelwe uHlengiwe Sithole weHle Jobe Boxing Promotions, nalapho kade etholene phezulu noMfanuvele Ntuli bebanga ibhande leKZN Mini Flyweight.

Lowo okade engunompempe uSihle Zungu umise impi ngomzuliswano wesithathu kucacela noma ubani ukuthi uMhlungu akasakwazi ukugadla. Uphuthunyiswe esibhedlela lapho ekuthiwa uyalelwe oDokotela ukuthi makakhohlwe isibhakela ngoba uselimele kakhulu. 

UMhlungu ubezama ukuthatha ibhande laseKZN nje vele ugabe ngeleWorld Boxing Federation International.

Ekhuluma nelaboHlanga uDkt uDladla uthe: “Ngiphatheke kabuhlungu uMhlungu engayiqedi impi yakhe. Noma kuthiwa kuyenzeka ukuthi ugcine uyasiyekela isibhakela mina njengomsunguli weHlula Dladla angaphansi kwayo lo mfana, ngeke nhlobo ngimlahlise okwenyongo yenyathi. Indlela atshengisa ngayo inhlonipho ngabe angibenzi ubulungiswa makuthiwa angimlekeleli ekutheni afeze amaphupho akhe,” kusho uDkt Dladla.

Lo phromotha ubalule ukuthi lo somankomane unekhono elinzima lokucula umculo weHip-Hop.

See Also

“Ngizomfaka ekutheni afundele ukuba umqeqeshi walo mdlalo awuthandayo. Zonke izindleko ngizomlekelela, ngoba ngiyazi ukuthi unothando olungakanani lwalo mdlalo” kubeka uDkt Dladla.

Kwizimpi ekade zingasekuqaleni konyaka eMtshezi uMhlungu lamuhlupha leli hlombe, kanti waqala ukuba nenkinga yalo eminyakeni edlule.

Esibhakeleni esikhokhelayo ulwe izimpi ezili-11 unqobe eziyisithupha, wahlulwa kwezintathu wadlala ngokulingana kwezimbili.

Scroll To Top