Now Reading
UMwelase uthi uzowela amazibuko amaningi ngezemidlalo
Dark Light

UMwelase uthi uzowela amazibuko amaningi ngezemidlalo

ULindelani Mazibuko uthi yize ekhubazekile kodwa lokho akumenzanga ekutheni ahoshe imfe ekuthandeni ezemidlalo. 

Leli bhungu laseMakekeni, eLoskop, eMtshezi lithi ezemidlalo laba nothando lwazo lisayibhobhodlwana. Umdlalo aqala ukuwudlala kusukela efunda amabanga eZamokuhle Special School, okuyisikole sezingane ezikhubazekile esisePhangweni, eMtshezi. Waqhubeka nayo iWheelchair Basketball eMason Lincoln Special School, eMlaza. 

Muva nje uMazibuko usegxile emdlalweni ongajwayelekile neze okuwuqukula izinsimbi nokuba usozinyama. Uqale ukuzibandakanya nalo mdlalo esefunda eMangosuthu University of Technology (MUT). 

Kubukeka lo mdlalo uzomenza egcina eduma umhlaba wonke, aphephezelise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika.

“Uma ngibona izinto ezinhle zingehlakalela kanjena, ngibuye ngibheke emumva lapho engisuka khona ukuthi ukube angibanga nayo intshisekelo yokuthanda ezemidlalo ngabe ngikuphi. Kukhona konke ngingasho ngithi ukuthatha kwami isinqumo sokufuna ukuzibandakanya nezemidlalo, saphunyeleliswa ukwesekwa abazali nabo bonke abantu abasondelene nami. Ngilapho engikhona akulona iphutha kodwa ukuzikhandla kwami,” kusho uMazibuko oneminyaka yobudala engama-25.

Muva nje uMazibuko usanda kuhlabana nezindondo ezimbili ngokuba ngumpetha kazwelonke emunxeni weWheelchair Bodybuilding ngemuva kokudla umhlanganiso ku-University of South Africa Bodybuilding Competition ebibanjelwe eNorth West University, ePotchefstroom. 

Kulo mqhudelwano ubemele iMUT obekudlana imilala kuwo osozinyama basemaNyuvesi ehlukene akuleli, uhlabane ngendondo yeWheelchair Bodybuilding neMen Best Poser emunxeni wabesilisa.

Wazise elaboHlanga ukuthi usebheke koweWorld Championship. Imidlalo yokuhlungela ukuya kwiWorld Championship izoba kuba ngoLwesine oluzayo isongwe ngoLwesine, izokuba seThekwini. 

“Angikuboni okungangivimba ekutheni ngenze kahle emidlalweni yokuhlungela ukuya kumqhudelwano woMhlaba. Amalungiselelo ngikhuluma ngimatasa nawo, angifuni nakancane ukwenza iphutha ngifuna ukumela iNingizimu Afrika okuhlezi kuyiphupho lami,” usho kanje. 

See Also

Ubalule ukuthi kunzima kulo mdlalo njengoba ukuze ugcine umzimba usesimeni udinga ukudla okukhethekile okumba kakhulu eqolo. 

“Lo mdlalo nginothando lwawo kodwa udinga imali, ngikhuluma nje kweminye imiqhudelwano ngixhashwa isikole ngoba kuyabiza ukusuka lapha ngiye kwezinye izindawo. Ngikhuluma nje ngike ngathola inqayizivele yethuba lokuya eBarcelona eSpain, kowe-IFBB World Fitness & Bodybuilding Championship kodwa ngenxa yokungalutholi uxhaso uhambo lwami lwagcina ngokubhuntsha” kubeka uMazibuko oqeqeshwa uMaxwell Nxumalo.

Esonga uthe: “Ngikhuthaza nabanye abantu abasha abakhubazekile njengami ukuthi bangazithambisi, babambe iqhaza emidlalweni ehlukahlukene ekhona ngoba umuntu angakwazi ukuziphilisa ngezemidlalo,” usho kanje. 

Uthe iphupho analo elikhulu ukumela iNingizimu Afrika kumaParalympics Games.

Scroll To Top